UMETHULI wezemidlalo emsakazweni iGagasi FM, uSamkelo Gambushe, uthi wayezifela ngokuba umsakazi ozobamba uhlelo lwakhe kunoma yimuphi umsakazo kuleli.
Le nsizwa, yaseManzimtoti eyaziwa ngelikaSports Mjita kubalandeli bayo, yethula ezemidlalo kulo msakazo ohlelweni lwantambama, iThat Drive, kusuka ngo-3 kuya ku-6 ntambama.
Eqeda umatric ngo-2013 eReunion Secondary, eSiphingo, uSamkelo uveze ukuthi wasebenza eShaka Marine la ayengumthwebuli wezithombe khona.
“Ngemuva kwalokho ngathola omunye umsebenzi endaweni esasidayisa kuyo ngezingcingo (call centre) kodwa ngabona ukuthi akuyona into yami, ngashiya. Ngabe sengibheka amathuba okuthi ngingene emsakazweni ngase ngiba nenhlanhla ngathola ithuba kwiDurban Youth Radio (DYR), la ngangena khona ngizokwenza ezemidlalo ngo-2017,” kuchaza uSamkelo.
Ezemidlalo kulo msakazo ngazenza ohlelweni oluthi The Real Drive nalo olwalungena phakathi nezinsuku.
“Yize ngangifuna ukuba umsakazi kodwa ukuthola ithuba lokuthi ngisondele entweni eyayiyiphupho lami kwangijabulisa kakhulu. Ngalamukela ngazo zombili izandla leli thuba yize kwaba yizinyanga ezimbalwa kodwa kukhulu engakufunda njengoba ngase ngijoyina umsakazo iGagasi FM namanje engiseyingxenye yalo,” kusho uSamkelo.
Uveze ukuthi ukuba umsakazi onohlelo lwakhe yinto angasayicabangi njengoba esezifela ngokwethula ezemidlalo.
“Ngifike kulo msakazo ngasebenza nethimba lasekuseni ohlelweni lwaphakathi nezinsuku. Ngithole ithuba lokuveza amakhono ami ahlukene kulo msakazo nokuholele ekutheni ngonyaka odlule ngikhale ngimuke nendondo yeThe Sports Media Person of the Year emcimbini weKZN Sports Awards ohlelwa uMnyango wezeMidlalo esifundazweni,” kuchaza yena.
Uthe kulo msebenzi ukujabulele ukuxoxa nezinkakha emkhakheni webhola okukhona kuzona uClive Barker, Siya Kolisi noRyan Giggs.
Uveze ukuthi u-Alex Mthiyane ube yisibonelo kuyena endimeni yomsakazo njengoba ebefunda kuyena izinto eziningi.
Uma usebenza emsakazweni ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]