NOKUBONGWA PHENYANE
UKHULE ezibona ezoba ngumlingisi ohamba phambili uZinhle Ngubane (29) kodwa uthando lokuba wumethuli wezemidlalo emsakazweni lwafika lakuvala konke lokho emuva kokubona uCarol Tshabalala.
UZinhle, ongumethuli wezinhlelo emsakazweni Intokozo FM eMlaza, uthe wabona ukuthi nabesifazane bayangena khaxa kwezemidlalo ngesikhathi ebona uCarol enza umsebenzi omuhle, wase eyakhuthazeka waze wathola ithuba naye.
Uthe waqhubeka nemfundo emuva kokuqeda u-matric eMpiyakhe High, KwaMhlabuyalingana, ngo-2008 ukuze kube lula uma esefuna ukungena emkhakheni awuthandayo.
“Ngizalelwe eRichards Bay, esigodini saseNseleni. Ngikhula ngangifuna kakhulu ukuba kwithelevishini ngenxa yokuthi abantu babengitshela ukuthi nginekhono kangakanani, nangenxa yokuphumelela imincintiswano yonobuhle eyayenziwa emakhaya. Ngo-2009 ngaqala ngafunda iziqu zokukhangisa eMgungundlovu FET College, ngaziqeda ngo-2011. Angimanga lapho kodwa ngaphinde ngabhalisela iziqu zePublic Relations eThekwini College engisanda kuziqeda manje,” kusho uZinhle.
Ngo-2019 walingisa emidlalweni ehlukene yasesiteji kodwa akangahlala isikhathi eside ngenxa yokuthi kwabe sekuvela ithuba emsakazweni.
“Ngaqala ngafunda esikhungweni esaziwa ngokuthi Isigusha Radio Services, la ngangiqeqeshwa khona ngezithinta umsakazo. NgoFebhuwari ngonyaka odlule ngase ngithathwa kwiNtokozo 101.2 FM. Ngabuye ngathola elinye ithuba esiteshini esisakaza online i-Eantouch Radio. Ngangenza ezemidlalo kuzo zombili iziteshi. Kodwa kwadingeka ukuthi ngikhethe esisodwa ngase ngingena kwiNtokozo ngafunda izindaba eziphambili zezemidlalo ngoMsombuluko nangoLwesibili kusuka ngo-10.30 kuya ku-1.30 emini.”
Uthe njalo ngoMsombuluko iphinde wenze uhlelo iSports Hour Show akhuluma kulo nabantu abehlukene olungena ngo-6 kuya ku-7 ebusuku.
Kuningi athe usafuna ukukwenza emsakazweni nasempilweni ukusiza intsha.
■ Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]
UJABULE ngokuthola ithuba lokuba semsakazweni athule ezemidlalo uZinhle Ngubane owakhuthazwa wukubona uCarol Tshabalala
Isithombe: SITHUNYELWE