AZOHLOMULA ngemali engu-R1000 iciko ngalinye, amaciko asafufusa njengoba umsakazi weVibe FM uLwazi Mdladla, odume ngelikaMlwazet ehlela umcimbi wesibili kulo nyaka lapho ezoqhakambisa khona amakhono awo.
Umcimbi i2nd Annual of Mlwazet Bavundulule Festival, uzoba ngo-Ephreli.
Amaciko afuna ukuba senhlanhleni yokuthola le mali nokucula kulo mcimbi kumele athumele izingoma zawo, kubahleli bawo.
Ekhuluma neSolezwe ngalo mcimbi uMlwazet, uveze ukuthi uyakholelwa kakhulu emacikweni asathuthuka nabone kungcono awasize kulesi sikhathi esinzima.
“Lo mcimbi ngiwenza ngaphansi kwenhlangano yami iBavundulule Foundation. Kusukela ngoDisemba sivule ukwamukela izicelo kubaculi bemikhakha ehlukene nabazothumela imininingwane yabo nge-sms, besho ukuthi bacula luphi uhlobo lomculo futhi bazibiza ngaliphi igama emculweni leyo mininingwane basithumelele yona ku:45633," kusho uMlwazet.
Uthe emkhakheni ngamunye bazokwamukela abaculi abayishumi.
“Abaculi abathumele kakhulu ama-sms futhi bangena kuTop 10, yibona abasethubeni lokuzitholela leli thuba futhi bayocula emcimbini ohlelwa yimina iMlwazet Bavundulule Festival nowezindondo esiwenza unyaka nonyaka ngenhloso yokuklomelisa intsha esafufusa emikhakheni eyenzayo eyehlukene,” kuchaza yena.
Ngosuku lomcimbi lapho beyobe benikwa imiklomelo yabo khona, uMlwazet uveze ukuthi sebememe izitebele ezinkulu zomculo kuleli ukuthi zizobheka ithalente lentsha abayikhethile.
Uthe ukungenela kusavuliwe kuyoze kuvalwe ngoMashi 31.