UZONCELISA amawele obengumsakazi woKhozi FM, uSiya Mhlongo, njengoba ezoqhubeka nokusebenzela lo msakazo neMetro FM asanda kuyijoyina.
Emasontweni amabili edlule Isolezwe libike ukuthi uSiya, obeshayela uhlelo Ukhozi FM Drive noSelby Mkhize, usejoyine iMetro FM.
Wagcina engayiphendulanga imiyalezo athunyelelwe yona. Okhulumela iSABC, uGugu Ntuli, akavumanga futhi akaphikanga kodwa waqinisekisa ukuthi umsakazo usazosayinisa abanye.
NgeSonto uThami Ngubeni, owethula uhlelo iSacred Space ngo-6 kuya ku-9, ukuqinisekisile ukuthi uSiya uzomjoyina azobambisana naye ohlelweni.
Uzoqala ukuzwakala kusuka ngeSonto ngoMeyi 1. Phambilini uThami ubebambisene noKhaya Mthethwa hlelo.
“Sithanda ukwamukela uSiya Mhlongo njengoba ejoyina umndeni wethu weSacred Space ukuzoqhuba umsebenzi kaThixo. Ungijoyina njengomethuli esizobambisana naye kusuka ngoMeyi 1, 2022,” kubhala uThami Ngubeni ekhasini lakhe leTwitter.
Umthombo weSolezwe uthe uSiya ngeke aze alushiye Ukhozi FM lapho enza khona ama-video ezingxoxo nabantu abehlukene kuKhozi FM TV eqale kule nyanga.
Lo msakazi ushintshe umbhalo ochaza ngaye kule nkundla wafaka iMetro njengomsakazo awusebenzelayo kanjalo noKhozi FM TV.
Ubhale ukuthi uyakubonga ukwamukelwa ngezandla ezifudumele futhi ujabule ngokujoyina lesi siteshi.
Abalandeli bakhe bamhalalisele ngalokhu.
Omunye umsakazi okulindeleke ukuthi ajoyine iMetro FM nguHope Mbhele ogcinayo kwiGagasi FM ngoMgqibelo.
Wethula uhlelo, iBreakfast Gang Gang, neSunday Chill Zone ngeSonto ngokubambisana noDJ Sphe Live.