OWETHULA ezemidlalo emsakazweni Ukhozi FM uSpha Mavuso, useveze ukuthi ufuna ukugxila kwamanye amabhizinisi njengoba egcina ukwethula ezemidlalo emoyeni kule nyanga.
USpha waseMnambithi usebe umethuli wezemidlalo kulo msakazo kusuka ngo-2010.
Ngeledlule uSpha ubhale ekhasini lakhe kuFacebook, ememezela izindaba zokushiya kwiSABC, nasekwethuleni ezemidlalo kuKhozi.
Ekhuluma neSolezwe ngemuva kokuveza lezi zindaba, uthe akawushiyi umkhakha wezindaba akuwona kodwa ushiya kwaSABC ngoba sesifikile isikhathi sokuthi avalelise.
“Ikusasa angazi ukuthi lingiphatheleni, kuningi okusemqondweni wami engikuhlelayo ukuze impilo iqhubeke kodwa ekwethuleni ezemidlalo sengithi khumu. Zikhona izinkampani zezemidlalo ezixhumane nami ngesikhathi zibona ngiveza izindaba zokuthi ngiyashiya kuKhozi, ngisakhuluma nabo njengoba kwabona beyizinkampani ezinkulu. Okunye engifuna ukukwenza ukugxila kwezolimo njengoba kuyinto engiyithandayo, umama engikhule ekwenza kuze kube manje, manje usekhulile umama sengiyabona ukuthi ngingazithatha ngizibeke kwelinye izinga. Nomculo ke enye into engigxile kuyo njengoba sengike ngasebenza noDemor noSun-El Musician, ngizoqhubeka kube khona engikwenzayo nakuwona,” kusho uSpha.
Uthe akhona namanye amabhizinisi anawo eceleni athemba ukuthi azokwenza kahle.
“Ngijabule kona ngekusasa ngoba ngiyabona ukuthi liyakhanya. Ngizobakhumbula kakhulu abalandeli bami kulo msakazo esisebenze kahle kakhulu nabo, nawo wonke umuntu kozakwethu esenze umsebenzi oncomekayo ngokubambisana. Ngisazovalelisa kahle kubona uma sekusondele usuku lokugcina kwami emoyeni,“ kuchaza uSpha.
Ngesikhathi uSpha eveza lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bakhe bamfisele okuhle kodwa baveza ukuthi bazomkhumbula.