OWAYEYISILOMO somsakazi woKhozi FM, uLinda ’Mr Magic’ Sibiya uveze ukuthi uzokwembula izinqe zabathile abaqeda ngaye emsakazweni.
UMr Magic obethukuthele egane unwabu, ubekhuluma kwi-Entertainment Summit kwiVibe FM ngoLwesine. Uthe usethule kakhulu nale nto imphethe kabi, ubona sekuyisikhathi sokuthi akhulume manje.
“ Kulo nyaka benginezinhlelo zokuhambela izindawo ezehlukene ngimaketha amabhizinisi ami lapho bengizoveza khona nokuhlukunyezwa kwami abathile kuKhozi FM, ngaze ngaxoshwa. Ngenxa yokuphazanyiswa yiCovid-19, sengithathe isinqumo sokuthi ebengizokuveza ngesikhathi somjikelezo, ngikukhiphele encwadini engizoyibhala maduze. Ngizobe ngibabiza ngamagama bonke abangihlukumeza kusuka ezikhulwini zeSABC nezoKhozi FM nosopolitiki. Nabangiphatha kahle azovela amagama abo,” kusho uMr Magic.
Ohlelweni uSibiya ubegagula igama lesikhulu esithile soKhozi FM, athe uzosiveza ubunjalo baso nathe yisona esasinomona ngokudlondlobala kwakhe, sase simbophela amanqina enyathi.
“ Angisabi lutho manje, sengizimele futhi konke enginakho kungenxa yamandla ami akukho lapho ngisizwe khona abantu, " kusho yena.
Ukhale ngamanga osopolitiki wathi akabacabangi ngisho elele ngoba bangabantu abahubhuza amanga.
UMr Magic uxoshwe ngoFebhruwari 2014 emsakazweni esolwa ngokuphambukisa imali kodwa wahamba icala wagcina ephume phambili. Uthe wayazi ukuthi yena wayemsulwa, wayekhululeke phakathi ngoba akayithathanga imali ngendlela engekho emthethweni.
Uthe namanje usacasukile ngendlela aphuma ngayo emsakazweni kodwa uyohlala elubonga njalo Ukhozi FM ngokumthatha lumenze umuntu.
Uveze nokuthi wayehola uR60 000 ngenyanga kuKhozi FM kodwa naye wayenzela iSABC imali.