USlindile waseMatikwe, eNanda, uthi ukhule enothando lokusakaza. Wathi uma egcina ephumelele kulo mncintiswano angakujabulela ukubamba iqhaza, ekulweni nesihlava sokubulawa kwabantu besifazane.
Eqhuba uthe uzimisele ngokuba yisibonelo esihle emphakathini.
“Abantu abasakhula abasenabo abantu ababukela kubo ngenxa yokuthi abantu okungabe babukela kubo sebegxile kakhulu ezidakamizweni. Ngifuna ukusebenza nabantu abasha ukuze bagcine bewafezile amaphupho abo,” kusho uSlindile.
Kulesi sigaba uSlindile uqumbe phansi uNosipho
Ngubane weZwi LoMzansi FM yaseThekwini noKholiwe Maphumulo weNqubeko FM yaseMnambithi.
KwiTop 4 uzobangisana noMinenhle “Minimizer” Masondo wakwaNongoma, Noxolo Buthelezi waseNkandla noZama Mseleku wasePort Shepstone.
Intokazi ezozishaya zonke emakhanda izomenyezelwa ngesonto elizayo emuva kokuba amajaji esecwaninge kahle onekhono elizedlula zonke.
Ngalo mqhudelwano uKhozi luhlonipha omunye wezingqalabutho zomsakazo, umama uWinnie “Mafungwase” Mahlangu, owayesakaza kulesi siteshi kusekhona uKing Edward "KE" Masinga.