UZIBONA esakaza oKhozini FM uPhumzile Mlangeni owaduma kuleli elingisa emdlalweni wamahlaya, iFamily Bonds.
UPhumzile waseKatlehong, eGoli, uthi yize abaningi bemazi ekulingiseni kodwa uneminyaka engu-13 esemsakazweni.
Uthi kule minyaka engu-13 uyibambe emsakazweni womphakathi, iKasie FM, eGoli, lapho enza khona izinhlelo ezimbili, oluthi Ezakwantu, okuwuhlelo lomculo kamaskandi olungena ngoMgqibelo ngo-9 kuya ku-12 emini, nolomculo wokholo oluthi Asimdumise, olungena ngeSonto ngo-6 kuya ku-9 ekuseni.
“Uthando lokusakaza luqale ngilalela izikhangiso ezihlukene emsakazweni bese ngizilingisa, ekhaya bangincoma ngekhono lami lokukhuluma. Ngithe sengingenile kuwona umsakazo, ngabona ukuthi ayikho into okumele ube muhle ngayo kuwo ngaphandle kokukwazi ukukhuluma nokuyinto engizijwayeze yona, kuze kube manje ngisakhuluma ngedwa uma ngizilungiselela,” kusho uPhumzile.
Uthe efika kulo msakazo, ngemuva kokuhambisa i-demo yakhe, wanikezwa uhlelo lwezemingcwabo nalwenza isikhashana wabe esenikwa izinhlelo azenza manje.
“Ngalezi zinhlelo sengike ngaqokwa kumaSouth African Traditional Music Awards (Satma) nakumaCrown Gospel Music Awards. Ngiyaziqhenya kakhulu ngegalelo lami kubantu abahlukene abangabalandeli bami,” kusho yena.
Uthe ukhulele eKatlehong lapho efunde khona ezikoleni okubalwa kuzo iNokulunga Primary neThubelihle Primary.
Uthe u-matric uwuqede eNewcastle, eSijabulile High, ngo-1996.
Ngemuva kwalokho, uthe ube esenza izifundo ezithinta umkhakha wezobuciko eDamelin waphinde wajoyina iqembu elenza umculo nokulingisa, Ubuhle Bentsha Cultural Group. Uthe kwafika abaphathi beMarket Theatre bezothungatha amakhono bamthatha nokwaba yindlela yokungena ekulingiseni.
Maduzane nje uthe uzobonakala emdlalweni, iSkeem Saam, njengoba esanda kuqeda ukusebenza nabakwaFerguson, emdlalweni iThe Queen.
Uma ungumsakazi, ufuna ukuzibona kule ngosi, ungangithumelela i-email [email protected]