OWESIFAZANE okhonjwa esikhundleni sokuphatha izinhlelo zoKhozi FM uNtsoaki Shoeshoe Qhu uphawula ngokuyamaniswa nalesi sikhundla.
Lesi sikhundla sivuleke nyakenye ngemuva kokuhamba kobesesiphathe iminyaka uZandile Tembe.
UNtsoaki uthumele leli phephandaba umyalezo ngeSonto ebusuku ngemuva kokungatholakali ngesikhathi eshayelwa. Uxolise ngokuthi akawubonanga umyalezo ngesikhathi ethunyelelwa wona ekuseni ngosuku olufanayo.
“Cha, angiqashiwe njengomphathi wezinhlelo kuKhozi FM,” kusho uNtsoaki.
“Ngiye kwinhlolokhono ngoMsombuluko futhi angikayazi imiphumela yenhlolokhono okwamanje.”
NgokweLinkedIn, ungumuntu onamava njengoba engumphathi wesiteshi iVoice of Wits ake asebenza kuyo njengomdidiyeli. Uke waba ngumdidiyeli kwi-702, iSA FM, Kaya FM neRadio Zibonele. Uneziqu ezahlukene azithole ezikhungweni okubalwa kuzo iLondon School of Journalism, eNyuvesi yaseWits neVega School.
Okhulumela iSABC, uGugu Ntuli, uthe isiteshi sizokwenza isimemezelo emuva kokuphothulwa kohlelo.
Igama likaNtsoaki seliyavezwa ngabasebenzi boKhozi abathe bazwile ngaye ukuthi uzothatha lesi sikhundla esibanjwe nguMandla Mdletshe.
“Abasebenzi abakatshelwa kodwa,” kusho omunye umthombo.
Kwenzeka lokhu nje, seziqalile izingxoxo mayelana nezinkontileka ezintsha zabasakazi njengoba ziphela ekupheleni kukaMashi bese kuqala izinguquko ngo-Ephreli.