UKHUZA ibuya ngesonto elizayo umncintiswano wokubheka abasakazi abazothola ithuba lokufunda kuKhozi FM, iWinnie Mahlangu Female Presenter Search.
Lo mncintiswano oqanjwe ngoMahlangu owaba ngumsakazi wokuqala omnyama ukuqashwa ngokugcwele yiSABC ngo-1962, futhi nowake wasebenzela iRadio Bantu, esibizwa ngoKhozi FM.
UZama Mseleku waphuma phambili ngonyaka odlule, ngemuva kokuhlungwa kwemingenelo elinganiselwa ku-4 000. Njengamanje uZama wenza uhlelo olungena ngo-3 kuya ku-6 ekuseni ngeSonto.
Ukubuya komncintiswano kulo nyaka kuqinisekiswe ngumphathi wesiteshi uSbongi Ngcobo. Ukungenela kuzovulwa ngoJulayi 23 kuya ngo-12 ebusuku ngoJulayi 26. Abangenelayo kuzomele bathumele ama-demo abo kwi-email ethi [email protected]
Kusuka ngoJulayi 27 abehluleli bazoqala ukuhlunga imingenelo nokuyilapho bezokhetha khona abathathu njalo ngesonto, kuze kuphele amasonto amane nokuyibo abazobe bevotelwa ngabalaleli. Onqobile kulindeleke ukuthi amenyezelwe ekupheleni kuka-Agasti.
Ngenyanga ezayo lesi siteshi sizobe sibungaza uZamambo Mkhize owake waba ngumphathi waso ngaphambilini, wadlulela ekuphatheni iSABC KwaZulu-Natal ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi.
Ngo-Okthoba, okuyinyanga lapho beqhakambisa umculo wakuleli ngokudlalwa kwawo kuphela, bazobe bebungaza impilo kaBhodloza Nzimande ongasekho, owake waba ngumsakazi futhi wagcina esengumphathi wesiteshi.