ABALALELI nezinkampani ezikhangisa imikhiqizo yazo esiteshini somphakathi waseNewcastle, iNCR 103.7 FM basale dengwane kuvalwa lo msakazo isigubhukane.
Ngokwesitatimende sebhodi elilawula umsakazo, imbangela yokuvalwa kweNewcastle Community Radio, ngukuhluleka kwabaphathi ukulandela imigudu yenhlangano ekhipha izimvume zokusakaza, i-Icasa.
Isolezwe lithole ukuthi ukusakazwa kwezinhlelo kugcine ngoLwesine. Ngokusho komthombo osondelene neNCR kwafika isisebenzi senkampani ebhekene nokufaka ezobuchwepheshe emisakazweni, iSentech kungazelele muntu.
“Safika kumsakazi wohlelo lwantambama samyalela ukuba atshele abalaleli ukuthi umsakazo sewuzophuma emoyeni ngoba sizobhongcula i-transmitter,” kusho umthombo.
Umphathisiteshi uDeon Luyt, ukuqinisekisile ukuthi kwenzekile lokhu futhi yisinqumo esithathwe yi-Icasa ngokubambisana nebhodi.
“Ngizocela sibuye sixhumane ngoba ngisendaweni enobuhixihixi,” kusho uLuyt. Nomphathi wezinhlelo uMarcia Evans uvumile ukuthi bagcine ukusakaza ngo-Agasti 13.
Uthe okuholele ekuvalweni kwesiteshi kwaqala ngesikhathi i-Icasa iyalela obengusihlalo webhodi uThami Zondi, obeyiphini lakhe uNhlanhla Mtshali nobengumphathisiteshi uBheki Nondala, ukuba babize umhlangano bese beletha umbiko wokusebenza kwemali.
“Wawubiza umhlangano kodwa wangawenza umbiko wemali kwi-Icasa nasemphakathini. NgoNovemba 9, 2019 kwakhethwa amalungu amasha ebhodi athola ukuthi kunomkhonyovu obuwenziwa. NgoMashi 25 kulo nyaka kwakhishwa ngevoti ubuholi obudala bukaZondi noMtshali.
Uma sewukhishiwe esikhundleni kube sekudingeka ukuba ubuyise yonke impahla yesiteshi, okuyinto engenzekanga,” kuphetha * -Evans.
Nesitatimende sebhodi elisha sihambe emazwini ka-Evans.
“Ikhomishini ye-Icasa, iCompliance and Complaints Commission, yayalela uZondi owayengusihlalo webhodi, iphini lakhe uMtshali nowayengumphathisiteshi uNondala ukuba balungise izinxushunxushu zasemsakazweni nokulandela imigomo ye-Icasa.
Ngenxa yomvalelandlini imali yesiteshi ibisesezandleni zikaMnuz T Zondi noMnuz Mtshali ku-2020 ekubeni ibhodi leNCR labakhipha ngoba lalingasabuthembi ubuholi babo. Kwaze kwavulwa amacala esiteshini samaphoyisa. Lolu daba lusaphenywa. I-Icasa, ngenxa yokungalandelwa kwezinqumo zayo nangenxa yemali ekweletwa yona, ibe isiyalela abeSentech ukuba bamise i-transmitter yokusakaza.”
Isitatimende siphethe ngokuthi akunasiqiniseko sokuthi umsakazo uzobuyela nini emoyeni. Omunye osebhodini futhi oyilungu lomphakathi, uFezifiso Thusini, uthe izolo uye emahhovisi e-Icasa ehambise incwadi enqumela le nhlangano ujuqu wokuba kungapheli izinsuku ezingu-14, isiteshi singabuyelile emoyeni.
“Sihlanganise umphakathi, amakhosi nomasipala abangaphansi koMkhandlu waseMajuba kwavunyelwana ngalesi sinqumo. Uma kungenzeki lutho, sizophoqeleka njengomphakathi ukuba sinikele emahhovisi e-Icasa siyobhikisha khona,” kusho uFezifiso.
UMtshali noZondi bathintiwe kodwa izingcingo zabo bezingangeni nemiyalezo bangayiphendula.