AKASAKWAZI nokulinda umlingisi ozothatha intandokazi yohlelo lwantambama kwi-947 obelethulwa yisilomo somsakazi uDJ Fresh osanda kukhonjwa indlela kulo msakazo.
UThando Thabethe obesekuphele unyaka agcina ukuzwakala embhobheni we-5FM, usememezele ukuthi kusukela ngoMashi 23 uyena osezozwakala kwi-947 drive okuwuhlelo lwantambama obelethulwa uDJ Fresh ngo-3 kuya ku-7 ebusuku.
Lo msakazi uziqophe nevideo ayisabalalise ezinkundleni zokuxhumana ethi: " Kuyangijabukisa ukuthi ekugcineni sengingakwazi ukunazisa ukuthi ngizobe ngihamba nani sibheke emakhaya," kusho uThando. Kule video uyambona ukuthi injabulo ibhalwe ebusweni futhi akasakwazi ngisho nokulinda usuku lokuqala emsebenzini.
UThando akazohamba yedwa kulolu hlelo kodwa uzobambisana nozakwabo u-Alex Caige ongene esikhaleni sikaMantsoe Pout. Kuzokhumbuleka ukuthi uCaige naye ungomunye wabantu esebenamava emsakazweni njengoba phambilini ekewasebenza no-Anele Mdoda kwi-Anele and the Club.
Lo msakazo usuqalile ukwenza izinguquko eziningi nokulindeleke ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kuvele nezinye izinhlelo nabasakazi abasha. Akuwona wodwa obhekiwe njengoba neminye imsakazo okubalwa uKhozi FM sekuqalile ukuputsuka amagama abasakazi abasha nezinhlelo abazofakwa kuzo.