UZIBONA efunda izindaba emisakazweni emikhulu eSABC, uNaharia Archuran Beula (28), ongumfundi wezindaba esiteshini somphakathi, iMaputaland FM.
Le ntokazi yasoPhongolo, endaweni yaseBelgrade, ithi akukho okwakuduma ekhanda layo iqeda u-matric, eBambananani High ngo-2012, ngaphandle kokuyofundela ubuntatheli.
"Ukukhulela emakhaya kuza nezingqinamba ezihlukene entsheni kodwa mina ngazitshela ukuthi ngizosukuma ngiyofuna lokhu engikucabangayo. Umkhakha wobuntatheli yinto engajwayelekile kodwa ngaya eGoli ngayofuna kabanzi ngalo mkhakha nokuthi ngingawufundelaphi. Ngempela ngathola isikhala eDamelin nalapho ngafunda khona iminyaka emithathu," kusho uNaharia.
Uthe ngo-2015 eseqedile wabuyela ngakubo njengoba ayefuna ukuyosebenzela imisakazo yomphakathi.
"Umsakazo, iMaputaland, wangithatha ngisafuna ukuqeqeshwa kabanzi ngiphuma ekolishi. Ngo-2017 bangiqasha ngasebenza njengetoho nokuthe ngonyaka odlule ngaqashwa ngokuphelele njengomfundi wezindaba nokuthi ngiphinde ngiphume ngaphandle ngiye kozithathela. UThemba Khumalo udlale indima enkulu empilweni yami uma kuziwa kulo mkhakha njengoba ngisho nasesikoleni uma sibuzwa ukuthi sifuna ukuba yini ngangivele ngithi ngifuna ukufunda izindaba njengaye," kusho uNaharia.
Uveze ukuthi ubonga nozakwabo amfica kulesi siteshi, uNokwethemba Ngwane, omkhulisile kulo mkhakha wezindaba nokubika uma kade eyocoshela ngaphandle ukuze kuzwakale kahle emsakazweni.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi, ungangithumelela i-email [email protected]