OWAZAKHELA udumo kwiGenerations, uPhemelo Motene, ushiye isigubhukane ohlelweni lwasemini abelusakaza kwiSA FM olusihloko sithi SA FM Life Happens.
Lezi zindaba zidalulwe nguKina Nhlengethwa, oyiBusiness Unit Manager esabambile, namhlanje. Uthe uPhemelo uzoshiya kwiSA FM ekupheleni kukaJuni njengoba esethole amadlelo aluhlaza kwenye inkampani futhi isikhala sakhe sizovalwa okwesikhashana nguzakwabo uKG Moeketsi. "Isiteshi sithanda ukuthi ndlelanhle kuNksz Motene emadlelweni aluhlaza. Uzakhele ugazi kubathandi bezinhlelo zezingxoxo futhi siyawahlonipha amagalelo akhe esiteshini nakubalaleli. Ngokuhamba kwesikhathi iSA FM izomemezela umsakazi omusha weSA FM Life Happens futhi sizolokhu sibachathazela abalaleli ngokunye okuqhubekayo," kuphetha uKina.
UPhemelo waqala ukusakaza lolu hlelo, oluba phakathi nezinsuku ngo1 kuya 3, kusukela ngoJulayi 2019. Empeleni waqala ukusebenzela iSABC kusukela ngo1999 esengumfundi wezindaba kwiMetro FM. Emuva kwalokho wabe esevala isikhala esashiywa nguRomeo Khumalo ohlelweni lwasemini ngezimpelasonto kulo msakazo owenza inzuzo. Wasebenza iminyaka emibili maqede wajoyina iGenerations lapho ayedlala khona indawo kaKhensani Moroka. Ngo2004 wabuye washiya phansi kulo mdlalo ayesezakhele kuwo udumo. Uke wasebenza kwiThe Weekend Breakfast ye702 futhi edidiyela izinhlelo zezingwazi ezinjengoJenny Cwrys Williams noBruce Whitfield. Wabuye waba wumdidiyeli omkhulu wohlelo iFriday Stand Ins.