KUBONAKALA sengathi akasabuyeli emsebenzini umsakazi woKhozi FM.
USipho Mbatha owaziwa ngelikaDJ Sgqemeza, wamiswa isigubhukane emsakazweni, okuyinto eyashaqisa abaningi.
Ngesikhathi kuvela izindaba zokumiswa kwakhe, wayengeyedwa ngoba wayemiswe nabanye ozakwabo.
Ngenyanga edlule, Isolezwe labika ngesitatimende esakhishwa yiSouth African Broadcasting Corporation (SABC) lapho eyaqinisekisa khona ukumiswa kukaSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha, umdidiyeli wohlelo - uBabheke Mthethwa, nomdidiyeli wemisindo - uMandla “Njinji” Magwaza.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule uSgqemeza ubhale enkundleni iTwitter ukuthi unesinqumo esikhulu okumele asithathe ngaphambi koMsombuluko mhla ka-20 kwephezulu.
Umhla ka-20 kwephezulu wusuku okumele abuyele ngalo emsebenzini. Umbuzo uthi ingabe isinqumo sizosho isiqalo esisha yini ngokomsebenzi?
Big decision to make before Monday the 20th, not my will but thine will be done ✔️
— Phumlane S Mbatha (@DJSgqemeza) June 15, 2022