INTANDOKAZI yeciko ebeligaqele ukwehlukanisa unyaka uBig Zulu, ithi ikwemukele ngenhliziyo emhlophe ukwehlulwa nakuba ingoma yalo ishisa izikhotha. UBig Zulu namanje usesematheni nengoma yakhe ethi: Imali Eningi acula kuyona noNtaba yaseDubai noRiky Rick. Le ngoma ithe chithi saka, ize yathakaselwa nanguDuduzane Zuma obeyidlala enza ivideo ehlanyise abaningi ezinkundleni zokuxhumana. UDuduzane uze wahlangana noBig Zulu kwelinye lamahhotela amakhulu eThekwini.
USiyabonga Nene okuyigama likaBig Zulu langempela, uxoxe kabanzi neSolezwe ngeSonto. Ulale isithathu emqhudelwenaneni woKhozi FM weNgoma Ehlukanisa unyaka unyaka lapho kunqobe khona uKhuzani ngengoma ethi Ijele. Olale isibili kube yiNdlabeyiphika ngengoma yayo ethi Amageja. UBig Zulu odabuka eBergville ungumsunguli wenkampani, Inkabi Records. Uthe uyambongela uKhuzani ngokudla ubhedu umfisela okuhle kodwa.
’’ Angazi nami ukuthi kwabhimba kuphi kodwa ngijabulela ukuthi ingoma yami inkulu kakhulu futhi namanje isadlalwa yonke indawo futhi isibukwe abantu abangu-6 million kuYoutube esikhathini esincane. Ngibonga bonke abangesekayo ngiyazithoba kakhulu,’’ kusho uBig Zulu. Ebuzwa ngemfihlo yale ngoma, uthe ubona sengathi iqhamuke ngesikhathi esifanele lapho wonke umuntu enesifiso sokuba nemali eningi futhi kubhekwe ekupheleni konyaka okuyisikhathi senjabulo. Uthe ingoma iwufukule kakhulu umsebenzi wakhe.
’’ Ngaphambi kokuthi kuvalwe imicimbi bese ngigcwele ngichichima izicelo zokuqashwa emicimbini. Uma kulunga konke kuvulwa sizohambela ngisho amazwe angaphandle ngoba abantu bayasifuna,’’ kusho uBig Zulu. Ngesikhathi ekhuluma uthe umatasa estudiyo upheka icwecwe elisha okufanele liphume maduze ngenyanga ezayo futhi uthe wethembisa okumnandi kodwa kulona.