UTHANDO lokusebenza ngabantu nokuba umlingisi lwamenza wangena khaxa emsakazweni nokwenza waba ngomunye wabasakazi abahamba phambili kwiHighway Radio.
USinenhlanhla "Sne" Sibeko wasePhase 2, eNagina, osakaza uhlelo olubizwa ngeThe Sunday Sunrise njalo ngeSonto ngo-7 kuya ku-10 akaziboni ehlukana nomsakazo. Kulesi siteshi akagcini nje ngokuba nohlelo lwakhe kodwa uphinde abambisane nozakwabo uMandla Mayise basakaze uhlelo lwasemini ngoMgqibelo kusukela ngo-3 kuya ku-6 ntambama.
Usebenza kulo msakazo nje uke wasakaza nakwiDurban Youth Radio, INanda FM neCapitol Radio. Ekhula ufunde eMontclair Junior waphinde wafunda eMowat Park Girls lapho aphothula khona u-matric. Uyindodakazi yesithathu kunina uThembi noyise uJerome. Uveze ukuthi umndeni wakhe ubalulekile okubalwa nezingane zakhe. Uma engekho matasa nezinto eziphathelene nomsebenzi ukhonze ukuya esontweni.
"Sengineminyaka eminingi ngisakaza ngike ngasebenza kwiHighway phambilini, manje sengibuya okwesibili kuyo. Indlela engithanda ngayo umsakazo ifana nse nendlela engikhonze ngayo abantu nokwenza ngakhetha ukuba wumsakazi. Angigcini nje ngokuxoxa nabalaleli emoyeni kodwa ngiyasondela nakubo sakhe ubudlelwano ," kusho uSne.
Uthe akakholelwa ekutheni ajahe ukuphoqa ukufeza amaphupho akhe ngoba konke kunesikhathi sako futhi nekhono liyakwazi ukumbulela umuntu impumelelo.
"Angivumeli izinkinga zime endleleni ngiphonse kalula ithawula uma kukhona ababona sengathi ngeke ngiphumelele kwengikwenzayo. Ngiba nethemba lokuthi ngizoze ngifinyelele lapho ngihlose khona. Ngeke ngiphoqe kodwa ngiyohlala ngikulwela ukufeza amaphupho ami," kusho uSne.
Uke wabonakala kweminye yemidlalo yethelevishini okubalwa Uzalo, Generations, EGoli Place of Gold, Flush neminye. Ishashalazi ngezinye zezinto azikhonzile uSne njengoba eke walingisa koweshashalazi iWell Done South Africa eyayisePlayhouse. USne uphinde abe nenhlangano engenzi nzuzo iSisikwa Soulful Solutions ebhekele abesifazane ngezinhlelo ezahlukene. Le nhlangano iluleka ngezifo, isize ngezinkulumo ezakhayo iphinde inikele ngezimpahla nokudla kwabaswele ngaphandle koxhaso. Konke usakwenza ekhipha ephaketheni lakhe, kodwa unethemba lokuthi ngelinye ilanga bakhona abayolula isandla baxhase inhlangano.
Ephetha uveze ukuthi ukusebenza ngokubambisana kahle nozakwabo emsakazweni ngezinye zezinto ezimenza azizwe esekhaya kwiHighway Radio. Yize kunjalo kodwa uSne njengawo wonke umsakazi osebenzela isiteshi somphakathi unesifiso sokukhula ngelinye ilanga azwakale emisakazweni emikhulu.