UKUBA khona komsakazi emndenini wakubo yikhona okwenze uPhilani Biyela, wafuna ukungena emkhakheni wokusakaza.
UPhilani odume ngelikaMganyambane kubalaleli bakhe, udabuka eMpangeni, kwesaKwaMthethwa.
Uveze ukuthi kumsizile ukuba nomuntu ofana noZimdollar eduzane kwakhe njengoba kukukhulu akufunde kuyena.
Lo msakazi ophinde abe nguthisha, eNtuzuma C, esikoleni iPhilani Primary, usakazela isiteshi somphakathi iBlaqlife 89.1, eKwaMashu.
Eqeda u-matric ngo2011, eMpephose Secondary, uPhilani waya kofundela iziqu zobuthishela oNgoye, kwathi uma eziqeda waqhubeka nazo e-UKZN, namanje usafunda.
Ukusakaza uthi ukuthande kakhulu eselalela abasakazi okubalwa kubo uMroza Buthelezi, Dudu Khoza nabanye.
“Mina noZimdollar sibizana ngomntakabhuti njengoba siwuzalo naye. Ukusakaza into engikhule ngiyithanda kakhulu kodwa ngingazi ukuthi ngingasukuma ngibheke ngaphi. Ebengikufisa kakhulu emsakazweni ukuthi ngibe umsakazi noma ngifunde izindaba. Abantu abangigqugquzele kulo mkhakha wezindaba uThabile Mbhele noPhilisiwe Memela nabangenza ngafisa ukuphumelelisa iphupho lami,” kusho uPhilani.
Uthe eminyakeni edlule wangenela umkhankaso lapho kwakuthungathwa umsakazi, esiteshini esasaziwa ngokuthi iShine FM, KwaMbonambi.
“Lo msakazo manje waziwa ngeNorth Coast Radio 104.0 FM, kuwona ngiqale ngonyaka odlule nokwaba umsakazo wami wokuqala ukuba ngibe yingxenye yawo, lowo msakazo useRichards Bay manje. Ngangena kuwona njengomfundi wezindaba hhayi njengomsakazi nokuyinto eyangijabulisa kakhulu. Ngaphinda ngangenela umkhankaso woKhozi FM, owawuxhaswe iVodacom M pesa wokuthungatha umsakazi kodwa ngangaphumelela,” kuchaza yena.
Emsakazweni iBlaqlife uthe, usakaza uhlelo lukamaskandi oluthi Ushikishi Lukamaskandi, olungena ngoLwesithathu ngo6.00 kuya ngo9.00 ntambama.
Uthe uphinde asakaze olweJazz olungena ngeSonto, oluthi Umculo weJazz olungena ngo3.00 kuya 6.00 ntambama.
Iphupho lakhe ukusiza abantu abasafufusa emculweni, nasekubhaleni izinkondlo.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]