Nokubongwa Phenyane
UKUDLULA emhlabeni ngokuzuma kukaDkt Bhekisisa Ngcobo obengumphathi wesiteshi somphakathi iZululand FM, kuthuse abaningi njengoba bekungakaze kuzwakale ukuthi ubambekile.
UNgcobo ungomunye wabaholi abebewunakekela umphakathi wangakubo futhi eyikhathalele intsha efuna ukufeza amaphupho ayo emikhakheni efuna ukuba kuyona.
Ukudlula kwakhe emhlabeni angingabazi ukuthi akuthintanga umndeni wakhe kuphela kodwa nentsha abeseyisizile eqhamuka ezindaweni ezehlukene.
Nemindeni eswele ubeyisiza ngokuyinakelela ngokudla ukuze ingabhuqwa yindlala.
Thina bezindaba singasho singananazi ukuthi uNgcobo umuntu obehlala esithinta esazisa ukuthi uwenzelani umphakathi waseZululand.
Ngesinye isikhathi ubevele athumele izithombe esikhombisa ukuthi ubehlangene nomphakathi benza into ehlomulisa abanye.
Esiteshini abesiphethe ke khona intsha esakaza khona ngiyathemba ingabhala incwadi ngokuhle okwenziwe uNgcobo.
Ekuqaleni kukaDisemba ngonyaka odlule, emsakazweni iZululand FM, uNgcobo uhambe wayokhuluma nabalingisi bomdlalo Uzalo, ebanxusa ukuthi bavakashele lo msakazo.
Kulesi siteshi abalingisi okunguMasoja Msiza noCebo Mthembu bafike benza into yamehlo besakaza, nami ngingomunye wabantu abazilalela izinhlelo ababenikwe zona.
Umsakazi walesi siteshi uMC Gwajo naye kwamthokozisa okwenziwa umphathi wakhe, njengoba aveza ukuthi ukujabulele ukuthola ithuba lokusakaza nalaba balingisi.
Angingabazi ukuthi abasakazi balesi siteshi kwabajabulisa abakwenzelwa umphathi wabo futhi kwabakhuthaza ukuthi basebenze ngokuzimisela kulesi siteshi.
UNgcobo kuthe, sisambheke ekukhuliseni umsakazo wakhe, waphinde wasungula umcimbi wezindondo amaSava, abeklomelisa kuwo abantu abasemikhakheni ehlukile emphakathini.
Kulo mcimbi yize bebeklonyeliswa abanye abadumile kodwa bekugxilwe kakhulu kwabasebenzela imiphakathi, nabanegalelo elikhulu kuyona.
Intsha esemisakazweni yomphakathi ihlomule kakhulu kulo mcimbi wezindondo nokuyinto enhle.
Siyathemba ukuthi imisebenzi kaNgcobo ngeke ishabalale njengamaziolo ebona ilanga njengoba esedlulile emhlabeni kodwa bazoqhubeka nayo ukuze sihlale simkhumbula.
Emphakathini waseZululand, emndenini kaNgcobo nasezihlotsheni, nakubo bonke abasakazi beZululand FM sithi duduzekani anilahlekelwe nodwa.