CHARLES KHUZWAYO
UMKHANGISI wamakhono amaciko kuleli, uBonnie Meslane, ngomunye wabasakazi besifazane abasafufusa abadlana imilala emqhudelwaneni woMhlobo Wenene.
UBonnie (31) waseMqanduli, e-Eastern Cape, uqokwe emkhakheni wohlelo Ulonwabo. Ubanga umklomelo kaR100 000 noKeketso Mthathi, Asemahle Mapuko noLwavela Jongilanga. Yize le ntokazi izobe iqala ukusakaza kodwa seyinamava kule ndima njengoba ike yaphrojusela uDJ Sbu kwiMassiv Metro noPhumzile Zonke kuMhlobo Wenene.
UBonnie uthe waziswe lezi zindaba nguyise omshayele ucingo wamazisa ukuthi ungomunye wabaqokiwe emsakazweni. "Ngijabule kakhulu ngoba kade ngangiwuthandazela lo msebenzi. Ngiyawufuna." Uthe kade awuthanda umsakazo nomkhakha wezokungcebeleka. " Ngikholwa ukuthi sekuyisikhathi sokuba ngibe phambi kombhobho ukuze ngifeze iphupho lami lokuba wumsakazi. Ngisebenza ngemuva, ngikhangise ngemisebenzi yamaciko futhi ngiyathanda ukuba wusizo kubantu kodwa ngiyathanda ukwenza umehluko empilweni yabantu ngokuxhumana nabo bukhoma emoyeni." UBonnie ungumsunguli nomqondisi we-Azania Public nomhleli wephephabhuku lezindaba zokungcebeleka iNounouche.
"Nginxusa noma wubani ukuba angivotele. Tshela abangani bakho, omalume nomalumekazi ukuze lo mklomelo siwulethe ekhaya," kuphetha uBonnie ozoqala ukuveza ikhono lakhe kuMhlobo Wenene ngoFebhuwari 23 phakathi kuka-3 ntambama no-6 ebusuku, lapho ezobe esakaza khona ngokubambisana no-Amaza Ntshanga kwiMasigoduke.
*Emkhakheni weNkolo kuqhudelana uZine Makaula, Mvundlela Nosihle, Nimxolisi Magaqana noBonelwa "Lady B" Marhali futhi babanga unklomelo kaR150 000. Kowabantwana kuncintisana uLiyakhanya Ngcungwana, Ovayo Daba no-Afezwa Bengwana. Isikhulu soMhlobo Wenene, uMasixole Mdingana, sithe bebengu-778 abasakazi abasafufusa ebebengenele. "Besifuna umuntu onekhono futhi onomfutho." Uthe abantu abaningi bachayiswe ukuthi bebezenza abasakazi asebedumile," kuphetha uMasixole. Uthe umlaleli ovote wabadlula bonke uzoklonyeliswa ngoR25 000 . Abantu bazozwa konke kuMhlobo Wenene ngohlelo lokuvota. Usuku lokuvala ukuvota ngumhla ka-30 Mashi 2022.