WILLEM PHUNGULA
UPHITHENE ikhanda umethuli wezemidlalo kuKhozi FM, uNolwazi Machi, osekuphele unyaka elwela ukuthola imiphumela yokuhlolwa esikhungweni iMancosa.
Lo msakazi owethula ezemidlalo, useze walufaka kubameli nakuNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande udaba lwakhe nesikhungo.
Echaza ngenkinga abhekene nayo uNolwazi, uthe waqala ukufunda kulesi sikhungo ngo-2019 enza iPost Graduate Diploma in Business Management. Lezi zifundo kwakungezokwendlalela iziqu zeMaster in Business Administration ngonyaka olandelayo.
Uthi ngawo u-2019 kwavela ithuba eliyingqayizivele lokuthi aye e-USA ayomela leli emcimbini owabe ubizwa ngeWomen Empowerment Through Sports Journalism.
UNolwazi uthe wazibona enyelwe yinyoni esandleni ngalelo thuba elingandele bani, kwase kubanzima kuye ukulidedela.
Uthe ngenxa yokuthi isikhathi sokuhamba sabe sishayisana nezinsuku zokuqala ukuhlolelwa ukuphela konyaka, wabe esebhalela isikhungo ebuza ukuthi angakwazi yini ukubhala ukuhlolwa ekhona e-USA.
Uthi isikhungo samchitha, sathi kasinazo izinhlelo zokubhalela kwamanye amazwe kodwa samvumela ukuba ahambe, bahlela ukuthi uzobhala uma esebuya khona.
Umsakazi uthi nebala wabuya wabhala ngoJanuwari nyakenye njengoba kade ehlelile nesikhungo kodwa sabe sesigodla imiphumela, okuze kube manje akakayitholi.
Uthe isikhungo simtshele ukuthi kwakunefomu okwakumele ayigcwalise ngaphambi kokubhala, ngenxa yokuthi akaligcwalisanga kuzomele aqale phansi abhale, okuyinto athe uyenqaba ukuyenza ngoba akasazi isizathu sayo.
“Angifuni ukusho amanga, ngiphithene ikhanda manje ngoba sengikhulume ngakhathala nale sikhungo.
Angiyazi le fomu abakhuluma ngayo, ukuthi ngeyani nokuthi kwaba yiphutha likabani ukuthi ngingasayiniswa yona ngoba kangikaze ngitshelwe ngayo ngaphambi kokuthi ngibhale.
Ibuhlungu le nto eyenzeka kimi ngoba ngibona iphupho lami lokuba neziqu zeMBA lishabalala,” kukhala umsakazi.
Uthe usebikele ummeli wakhe, wabuye wakhuluma noNgqongqoshe uDkt Blade Nzimande, omthembise ukulusukumela udaba.
Ummeli kaNolwazi, uMnuz Lungelo Ngobese, we-Azania Ngobese Attorneys uthe balungisela ukufaka amaphepha enkantolo uma isikhungo siqhubeka nokuqinisa ikhanda.
Silindele ukuzwa uvo lweMancosa isikhathi esicela esontweni kodwa kuze kwayoshicilelwa lungatholakali.
Attachments area