UMSAKAZI omusha we-East Coast Radio uSyles Mbatha useqale ukubhala incwadi ekhuluma ngempilo yakhe njengoba ashiywa ngunina esibhedlela eqeda kumteta.
UStyles (27) ujoyine i-ECR ngemuva kokunqoba umncintiswano owawenziwa yilesi siteshi sibheka umsakazi omusha.
Njengamanje wethula uhlelo olungena ngo-2 kuya ku-6 entathakusa ngoMgqibelo nangeSonto.
"Ngifuna ukuxoxela abantu ngendaba yami. "NginguMbatha kodwa ngakhuliswa wumndeni wabamhlophe eMgungundlovu ngemuva kokuthi umama angishiya esibhedlela eqeda kungibeletha. Maduze ngizoya eDundee lapho engazalwa khona ngoba ngifuna ukuzazi ukuthi ngingubani futhi uma ngizwa umama usaphila kodwa kunzima kuye ukusho ukuthi kungani angishiya ngoDisemba 31. Incwadi uma iphuma izokhulumisa ngoba abazigidi abantu izinto abadlule esimeni esifanayo. Sengiqalile ukubhala kodwa kuzothatha isikhathi njengoba impilo isaqhubeka," kuchaza yena.
Uthe ungene kwi-ECR engakaze asakaze ndawo phambilini ngoba wayesemkhakheni wezokuvakasha wafike wakuqeqeshelwa isonto elilodwa ukusakaza ngaphambi kokungena emoyeni. Uqhube wathi i-ECR yisiteshi akhule esilalela futhi efisa ukungena kuso.
"Bengisebenza emkhakheni wezokuvakasha kodwa ngenxa yeCovid-19 washayeka kakhulu. Ngiphoqeleke ukuthi ngithuthele eThekwini ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule ukuze ngizame ukuphila. Ngibe sengibona umncintiswano abangani bami bathi ngowami ngathumela ezinkundleni zokuxhumana buka manje ngikhona."
Uthe lokhu kuseyisiqalo ngoba ufuna ukungena nakwithelevishini.
"Ngokwenzeke kimi abantu kumele bafunde ukuthi bengaliphonsi ithawula emaphusheni abo noma ngabe kunjani. Uma ushela intombi ikwala akusho isiphetho ngoba zisekhona ezinye ongazeshela."