UMSAKAZI wesiteshi somphakathi uSifiso "DJ Hlobzin" Ntombela, ulaxaze izinhlelo abezethula maqede wajoyina ipolitiki. UHlobzin (34) obesakaza uhlelo lukamaskandi iSikhuphula UThukela ngemiGqibelo kwiNguna FM yasoLundi useyilungu leNational Freedom Party (NFP). Uthe ukhethwe umphakathi wangakubo eMashona ukuba awumele oKhethweni loHulumeni basemaKhaya oluzokuba ngo-Okthoba kulo nyaka.
Yize ukusakaza kuwubizo lwakhe kodwa uthe uphoqelekie akushiya phansi ngoba egwema ukungqubuzana kwale misebenzi.
"Ngisakuthanda ukusakaza kodwa ngeke ngisakwenza manje ngoba sengingene kwipolitiki emuva kokuyigwema isikhathi eside," kusho uHlobzin ongumfowabo kaMnuz Siphamandla Ntombela owayeyilungu lesigungu esiphezulu seNFP. Uthe inkonyane izobe ingathuki isisinga ekuthuthukiseni umphakathi ngoba ukuqale ngesikhathi esasakaza.
"Ngisizwe inqwaba yamalungu omphakathi ngomoya. Yilapho umphakathi ubone khona ukuthi ngingawuthuthukisa kakhulu kunalokhu uma ngingangena kwipolitiki. Ngibe sengenza njengokusho kwawo ngoba bengingafuni ukuwuphoxa," kusho uHlobzin owaqala ukusakaza kwiNguna FM kusukela ngo2006, esakaza uhlelo lwasemini olwaluthi Office Connection.
Uma kwenzeka ehlabana kulolu khetho uzokuba yikhansela kuMasipala wasoLundi.
Uthembise ukusebenza kanzima ukuthuthukisa i-ward engaphansi kwakhe futhi aqikelele ukuthi awuyishisi ingqalasizinda.
"Ngizofuna wazi ukuthi le ngqalasizinda eyomphakathi. Ngakho akufanele uma unganeme ngokuthize uyishise. Ngingawufundisa ngokubaluleka kwamahholo ukuzitholela imali." Esephetha uthe uzibona eyilungu lePhalamende noma ungqongqoshe womnyango thizeni eminyakeni ezayo.
UHlobzin uzosheba ipolitiki nokwethula uhlelo alwenza kwiNhlaka Production olubizwa ngokuthi iZiyakhala Kosaziwayo.
Akuqali ngalo msakazi ukuba umsakazi ajoyine ipolitiki ngokugcwele. Umsakazi woKhozi FM uZimdollar Biyela wake wajoyina iNFP ngaphambi kokushaya ungqimphothwe. UMandla Malakoana noLindiwe Ntuli ongasekho bashiya Ukhozi bajoyina iNkatha kwathi umufi uMnuz Mtholephi Mthimkhulu washiya uhlelo lwezindaba kuKhozi wajoyina i-ANC.