UMSAKAZI weGagasi FM, uFelix Hlophe uthi uzoshintsha impilo yakhe njengoba sezimjwayele izigameko zokuvele aquleke, aphaphame esesibhedlela.
NgoLwesithathu uFelix ufake isithombe kwiWhatsApp eveza ukuthi usesibhedlela futhi kubonakala esandleni ukuthi uxhunywe idrip.
Ekhuluma neSolezwe kuthangi umsakazi wohlelo lwasekuseni i-Up Rising, uthe ululamela ngasekhaya ngemuva kokulaliswa ubusuku obubodwa esibhedlela.
“Bese kungokwesibili ngiquleka ngisemsebenzini njengoba okokuqala kwenzeka kuqhubeka uhlelo ngise studio nozakwethu, engilubambe nabo. Kulokhu bese luphelile uhlelo ngikwenye yezindlu esisebenzela kuzona. Ngivele ngazizwa nginenzululwane, ngabe sengiwa njalo. Ngivuke sengisesibhedlela. Okungiphatha kabi ukuthi emzimbeni akukho lapho ngingathi ngizwa khona ubuhlungu kodwa konke nje kuvele kwenzeka ngingalindele,“ kusho uFelix.
Uveze ukuthi odokotela ngesikhathi bemxilonga bakhale ngeBP ebidla amagalane nezinga lamafutha amaningi emzimbeni (Cholesterol).
“Kumele ngishintshe indlela engiphila ngayo ngoba uma ngingakwenzi lokho, ngempela nizongiswela. Lento uma seyenzekile ingifikisela ngomqondo wokuthi ibucayi, ngakho ngibona ukuthi ngemuva kwalokhu angisukume nginakekele impilo yami. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu onginike uxhaso ngemuva kokwehla kwalesi sigameko. Ngiyabathembisa ukuthi sengiluleme futhi ngizizwa ngingcono ngempela. Odokotela bazongithatha elinye igazi namhlanje (ngoLwesine) ukuyolibheka kahle bese ngibuyela emsebenzini,” kuchaza umsakazi.
NgoLwesine uFelix ubengekho ohlelweni lwasekuseni, belushayelwa nguNjabs Zwane noKhaya Dladla.