OBENGUMSAKAZI weGagasi FM, uNomfundo “The Dazzling One” Xaba, uthi ushiye lo msakazo ngoba enzela umndeni wakhe.
UNomfundo ubethula uhlelo iSunday Devotion ngeSonto ngo-6 kuya ku-10 ekuseni. Ugcine emsebenzini ngeSonto.
Ekhuluma naleli phephandaba uthe uyakuthanda ukusakaza kwiGagasi kodwa bekumele athathe isinqumo.
“Bekumele ngikhethe okufanele umndeni wami. Okwamanje ibhizinisi yilo engilikhethile. Ngihamba ngiphatheke kabi. Sengiqalile ngiyawukhumbula umbhobho, ngiyabakhumbula nabalaleli. Akukho okubi okwenzekile futhi ngiyafisa ukuthi ngomuso ngiphinde ngibuyele kwezokusakaza,” kusho uNomfundo.
Uthe uma ukhula uba nokuzethemba kokwenza ezinye izinto. Uthe ngesikhathi kufika iCovid-19 ngo-2020 ibakhombisile ukuthi uma ungazimiseli ngokugcwele okwenzayo kuyathikamezeka.
“Njengoba ngiwumama manje ngikhulisa izingane ngibe nengcindezi yokuthi ngigxile kulokho. Kule minyaka emibili bengikhulisa ibhizinisi futhi manje ngiyaqala ngibona imiphumela,” kuchaza yena.
Uthe ube nesikhathi esimnandi kulesi siteshi.
“Ukhumbule ukusakaza ngikuqale kwiGagasi ngakho ngiyingane yakhona. Ngifike ngo-2012 ngomncintiswano iTop Star. UVukile Zondi wayesangumphathi wezinhlelo ngaleso sikhathi. Ngathola ithuba lokusebenza nabantu engangibukela kubo. Cabanga uphuma esikoleni bese usebenza nabantu obathandayo. Kube wuhambo olude ngithatha izintambo kuSiya Mhlongo owayengifundisa, ngasebenza nasohlelweni lwezingxoxo nakhona ngafunda okuningi,” kusho yena.
Okhulumela iGagasi FM uKhulekani Shandu ukuqinisekisile ukuhamba kukaNomfundo.
Uthe uKhulekani Mbambo, ongena ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto, uzobamba isikhashana ohlelweni obelusakazwa nguNomfundo.