KUHLUKANA inhloko nesixhanti phakathi kweGagasi FM nesilomo somsakazi walesi siteshi uDJ LeSoul.
ULeSoul usakaza uhlelo iNoma Yini noHeazy noFlymotion ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, uLeSoul ufake incwadi yokwesula ekupheleni kwenyanga kulesi siteshi.
“Sekunesikhathi eyicabanga indaba yokwesula ngoba umsebenzi wakhe womculo uyachuma futhi uhambela nakwezinye izifundazwe naphesheya ekubeni kumele abuye eThekwini eyosakaza uhlelo nobekwenza kube nzima,” kusho umthombo.
Umthombo uthe uLeSoul ukhethe ukushiya ukuze angazigqilazi futhi anikeze nabanye ithuba.
Ethintwa unqabile ukuphawula.
Okhulumela iGagasi FM uKhulekani Shandu ukuqinisekisile ukuhamba kukaLeSoul.
“Sithathe isinqumo sokuthi izinhlelo zethu sizozishintsha ngoMeyi (phambilini wayethe ngo-Ephreli) sabe sesilula izinkontileka zabasakazi ngenyanga eyodwa ngoba ziyaphela. ULeSoul uthe bese kunezinhlelo abese ezenzile ngakho uzogcina ekupheleni kwenyanga,” kusho uKhulekani.
Uthe bazamile ukuxoxa naye ukuthola ukuthi bangasebenza kanjani kodwa bangasithola isisombululo.
“Ngingathi uhambe kahle ngoba sixoxisene walubeka uhlangothi lwakhe lokuthi ubheke kuphi ngokomsebenzi wakhe. Sibhekile ukuthi yiziphi izindlela esingazizama zokuqhubeka nokusebenzisana kepha zashayisana.”
UKhulekani uthe zizoba khona izinguquko ezizoba semoyeni abazozimemezela ngokuhamba kwesikhathi.
ULeSoul ufike ngo-2015 ezosakaza uhlelo iThe Hangover.Usakaze oluthi Bring on the Night ngoMgqibelo nangoLwesihlanu neJam Avenue ngeSonto noDJ Mario. Udlulele phakathi nesonto esakaza iMidday Shandis ngaphambi kokusakaza iNoma Yini ayisakaza manje.
Lo msakazi usezakhele udumo nangokuba wuDJ wasezindaweni zobumnandi futhi uhlale edlala ezindaweni ezahlukene ngezimpelasonto. Nyakenye ukhiphe i-EP enezingoma eziyisishiyagalolunye iHigher Frequencies egabe ngezingoma okubalwa kuzo iSebenza nethi Amabele.