UTHUKUTHELE uyaveva owayengumphathi wesilomo sikamaskandi, uMtshengiseni "Indidane" Gcwensa, emuva kokuba owayengumsakazi woKhozi FM edalule ukuthi wayegwazela izikhulu zalesi siteshi. UNorman "Sxhobo" Mpungose, usesabise ngokuthathela uNgizwe Mchunu, izinyathelo zomtheth ngoba nguye owayesaphethe uMtshengiseni ngesikhathi esangcweka noMgqumeni.
Ekhuluma uNgizwe kwiYouTube, uthe abaphathi boKhozi FM babekhohlakele ngoba babegwazelwa ukuba kudlalwe umculo kaMtshengiseni, bese kucindezelwa okaMgqumeni “Ibhova LikaDikadika” Khumalo ngoba umphathi wakhe wayengabagwazeli. Bengakhiphi ngisho indibilishi.
"UMtshengiseni wayedlalwa amahlandla amane."
Uthe wafika uMgqumeni ebanjwe ngophondo kodwa wafike wamqaqa. UMpungose uthe usenga ezimithiyo uNgizwe, ngenhloso yokumehlisa isithunzi emphakathini.
"Ngihlela ukumvulela icala lokungehlisa isithunzi. Ngifuna achaze ngalesi sikhulu engasinikeza imali... Ngifuna abazi abantu. Angisomngani wakhe mina," kusonga uMpungose.
Oyisikhulu sakwaSABC, ophikweni lweCorporate Affairs and Marketing, uNksz Gugu Ntuli, uthe iSABC ihlale ikusho ukuthi yona ayizibekezeleli izenzo ezingalungile futhi izithathela izinyathelo.
"Inhlangano iyabagqugquzela abaculi ukuba nanoma ngubani kumele eze nobufakazi be-payola nobabantu abagwazisayo ukuqinisekisa ukuthi kuthathelwa abathintekayo izinyathelo. Lezi zinsolo bezingakalethwa kwaSABC," kuphetha uNksz Ntuli.
Kuvela lezi zinkulumo nje, uMzwakhe Mbuli nabanye basanda kumashela emahhovisi akwaSABC ngoba befuna kuliwe nesihlava sokugwaziswa kwabaculi. Baze banxusa nabophiko loKlebe ukuba luphenye abasebenzi bakwaSABC, ababethintekayo kulo mkhonyovu. Sekuwumlando ukuthi uMgqumeni noMtshengiseni kwakuyinkukhu nempaka, futhi kwazanywa ngawowonke amandla ukuba bahlukane nomkhuba wokungcofana ngoba wawusudlule nemiphefumulo yabalandeli abangaphezu kwabayisithupha.
Kwaze kwafika lapho owayengumphathi woKhozi FM, uBhodloza Nzimande, ewumisa umculo wabo emoyeni bakhishwa nasohlwini lwamaSatma lwabaculi okufanele bavotelwe.
Nakuba kunjalo baqhubeka nokungcofana ezingomeni kwaze kwaba uMgqumeni uyedlula emhlabeni ngoDisemba 19, 2009. Ezingomeni zakhe wayekuveza ukuthi umculo wakhe ucindezelwe oKhozini. Yingakho aze athi noma ungavalwa akakugqizi qakala ngoba vele bewungadlalwa ngendlela. Lezi zinsolo ziqubuke kabi noMtshengiseni engasekho emhlabeni njengoba ehambe ngoJulayi 27, 2015.