INTANDOKAZI yomethuli wezinhlelo uMasechaba Ndlovu izokhuza ibuya emsakazweni kwi-SAFM kusukela ngenyanga ka-Agasti.
UMasechaba wakhonjwa indlela kwi-Metro FM ngesikhathi kwenziwa izinguquko kulo msakazo nonyaka kanti kunezinsolo zokuthi ukuchithwa kwakhe kuhlobene nendlela apheka ngayo uBabes Wodumo ngemibuzo mayelana nokushaywa kwakhe uMampintsha ohlelweni lwakhe noMo Flava nyakenye. Abaningi bamshayela ihlombe uMasechaba ngesenzo sakhe kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi uBabes wayengaziswanga ngaphambi kohlelo ukuthi kuzobhungwa ngalezi zinsolo bukhoma emoyeni.
Ngemuva kokusabalala kwevideo kaMampintsha eshaya uBabes nonyaka abanye ababegxeka le ntokazi ngokungena izindaba zababili babuyela kuyo baxolisa ezinkundleni zokuxhumana.
Nokho uMasechaba usedlulule kulezo zivunguvungu njengoba ebhale ekhasini lakhe kutwitter ezwakalisa intokozo ngokubuyela emsakazweni.
"Kuyigugu kakhulu ukuthi ngizoba yingxenye womndeni i @SAfmRadio. Kuyinjabulo ukwethenjwa ngomsebenzi omkhulu kangaka. Ngizimisele ukusebenza ngokwethembeka nangenhliziyo yami yonke. Ngiyabonga SABC, ngiyabonga Ningizimu Afrika."
%%%twitter https://twitter.com/SAfmRadio?ref_src=twsrc%5Etfw">@SAfmRadiofamily. It is a privilege to be entrusted with such an enormous task. I intend to serve honestly and wholeheartedly. Thank you SABC and thank you South Africa.✊🏾✊🏾✊🏾 #SAfmWomensMonth #SheIsPower pic.twitter.com/dJY7oxMrRY
— Masechaba Ndlovu (@MasechabaNdlovu)
Abalandeli bale ntokazi esimkatshubomvu ekwethuleni izinhlelo emsakazweni nakuthelevishini bambongelile, abanye bemfisela nokuthi aqashwe ngokuphelele. Nesiteshi sikuqinisekisile ukuthi uNdlovu uzoba yingxenye yeDriveTime Team. ISAfm ifake ivideo ekhasini layo likaTwitter:
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/SAfmFocalPoint?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#SAfmFocalPoint @MasechabaNdlovu #SAFMWomensMonth pic.twitter.com/OwbkDDSQrr
— SAfmRadio 📻 (@SAfmRadio)
Congratulations 👑I pray it will be a permanent slot in the near future 🙏🏾
— Sunkissed🇿🇦 (@ItsBi_NotBee) July 24, 2019
%%%twitter https://twitter.com/SAfmRadio?ref_src=twsrc%5Etfw">@SAfmRadiowith the Queen of the airwaves👑❤🙌
— Kunta Kinte (@sarel_lee)
%%%twitter https://twitter.com/SAfmRadio?ref_src=twsrc%5Etfw">@SAfmRadio
— Dumi (@DumiMbuthuma)