URobert Marawa izolo umemezele ekhasini lakhe kwiTwitter, ukuthi usezozwakala kwiVuma FM njalo ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu kusukela ngoNovemba 22.
Lokhu kujabulise abalandeli bakhe abaningi ezinkundleni zokuxhumana njengoba bekusaqaqamba izinhliziyo, ngokungazwakali kwakhe emoyeni.
UMarawa umemezela lezi zindaba nje, kade kubanjwe isithangami nabezindaba ngoLwesine eThekwini, lapho uMzwakhe Mbuli nabanye becacise khona ukuthi bafuna kubuyiselwe lo msakazi eSABC.
Ikhasi leVuma FM liziqinisekisile lezi zindaba lamemezela ngokusemthethweni kubalalaleli bomsakazo.
"URobert Marawa ujoyina iVuma FM, lalelani iMarawa Sports Worldwide njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-5.30 kuya ku-7.00 ebusuku“ kumemezela iVuma FM kwiFacebook.
UMarawa akazogcina ngeVuma FM kodwa uzotholakala nakwiRise FM nakumaphephandaba. Abalandeli bakhe abaningi baveza ukuthi yize kukhona izifundazwe engatholakali kuyo iVuma FM kodwa bazosebenzisa zonke izindlela zokumlandela okubalwa nezinkundla zokuxhumana.
Ilokhu ungene njalo imiyalezo yokumhalalisela kanti nabanye abasebenzi beVuma FM, bayamtusa uMarawa bazwakalisa nokuthi sebejahile ukuthi kushaye uMsombuluko, aqale ukuzwakala emoyeni. Iningi labantu belikhala ngokuthi alinalo kahle ulwazi lwesiteshi kodwa lizimisele ngokuthola izindlela zokulalela lo msakazi.
"Nisivalele ngaphandle e-Eastern Cape," kusho uMalume.
" Noma ngingayazi iVuma FM kodwa ngizobe ngilapho," kusho u-Ami.
AbeVuma FM bathatha lo msakazi nje, basanda kugxhumeka imibhoshongo emisha ezindaweni eziningi lapho ebingatholakali khona. Lokhu kuzolekelela umsakazo nangezibalo zabalaleli njengoba unenqwaba yabasakazi abaziwayo nabathandwa kakhulu.