NC: UMA ubheka impilo yakho ngeso elibanzi, ngabe yiziphi izinto ezimbili obonga kakhulu uNkulunkulu ngokukubusisa ngazo futhi lezo zinto zisho ukuthini kweyakho impilo?
MC: Okokuqala engikubongayo ukuthi lapha eGoli angikaze ngihlupheke nangelilodwa ilanga. Selokhu ngafika eGoli impilo yami ihamba kahle, yinto enkulu leyo. Okwesibili ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi selokhu ngazalwa angikaze ngificwe yisimo sokuthi ngilale ngingadlile ngenxa yokuhlupheka.
NC: Yini le eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo eminyakeni emihlanu kumbe-ke eyishumi ezayo. Leyo nto isho ukuthini kweyakho impilo?
MC: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu angibusise ngemali eningi kakhulu ukuze nesizukulwane sami singeke siphinde sihlupheke. Ngicabanga ukuthi imali ibalulekile kakhulu kunoma ngubani osadla anhlamvana.
NC: Ngabe likhona ivesi elilotshwe embhalweni oNgcwele olithandayo noma ke ongathi liyakugqugquzela. Uma likhona yiliphi futhi lisho ukuthini kweyakho impilo?
MC: Okwami kuhlukile, mina kuneculo elisihloko sithi: Wenhliziyo yami mawuhlakaniphe,” yilona elifana nevesi kimina. Lo mhlabelelo ngiyawuthanda kakhulu unginikeza amandla ngaso sonke isikhathi. Ngempela uma ulapha eGoli kumele uthandazele ukuthi uNkulunkulu akwenze uhlakaniphe ngaso sonke isikhathi.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima owake wabhekana naso empilweni yakho. Yisiphi futhi kwakwenzenjani uze uzithole sewubhekene naso?
MC: Ngeke ngikhohlwe ukuthi ngemuva kokuba ngiphumelele kumatric ngafaka isicelo sokuyofunda eRhodes okuyisikhungo esikhulu nesihlonishwayo eNingizimu Afrika. Kodwa manje isicelo ngasifaka ngingenamali kodwa ngokukholwa ngasifaka isicelo sokuyokwenza i-Economics. Kwangenelela uNkulunkulu ngathola uxhaso oluvela kuhulumeni ngakwazi ukufunda.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi kuwena usho ukuthini?
MC: Kimina umkhuleko usho lukhulu futhi unginikeza amandla okuthi ngiqhubeke nempilo ngaso sonke isikhathi.
NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona?
MC: Yebo ngikhonza ebandleni uMlazi Christian Centre elikwa-P, eMlaza. Liholwa nguMfu Mkwanyana. Ngaqala ukukhonza kulona ngisemncane.