KUSENZIMA ukukhuluma kuKini Shandu ngoBob Mabena, akhulele esandleni sakhe emgqugquzela ukubekezela esecabanga ukushiya phansi imizamo yokufeza iphupho lakhe kwezokusakaza.
UKini, ozakhele udumo kwiGagasi FM, ubelungisela uBob ingadi eminyakeni edlule.
UBob (51) ushone ngoMsombuluko ntambama ngemuva kokumelwa yinhliziyo.
“Yinto engingathandi ukukhuluma ngayo lena okwamanje,” kusho uKini ngomoya ophansi.
“Anginawo amazwi angachaza indlela engizizwa ngayo. Angazi ngingabonga ngithini, kusenzima angifuni ukuphawula okwamanje.”
UKini uthe uzwa ubuhlungu obukhulu ngokudlula kwaleli qhawe.
“Ngisazama ukuzinika isikhathi sokwamukela lezi zindaba,” kusho yena.
Ekhuluma neSolezwe ngo-2009, uKini waveza ukuthi wayesebenzela uBob emenzela ingadi futhi kukuye lapho ancela khona uthando nolwazi ngomsakazo.
“Kunesikhathi lapho engase ngicabanga ukuliphonsa khona ithawula kwezemisakazo kodwa uMabena wathi angibekezele kuzolunga. Iqiniso wukuthi kwangisebenzela kakhulu ukuxhumana noMabena ngoba kuningi engakufunda ngomsakazo, esengikusebenzisa manje sengisakaza,” washo kanje uKini.
Yena noBob basebenza ndawonye kwiGagasi FM, uBob engumphathi wakhe futhi wayephinde azwakale nasohlelweni lukaBob i-Old School, eyayingena ngoMgqibelo ntambama.
UMengameli Cyril Ramphosa, udlulise amazwi enduduzo, wachaza uBob njengomuntu okhulise futhi wahlahlela indlela abasakazi abaningi.
“Ngukulahlekelwa okubuhlungu hhayi kuphela emndenini kaBob nakubangani kodwa emkhakheni wezokusakaza wonke nasezweni,” kusho uRamaphosa.
Uthe kubuhlungu ukuthi iphimbo lale ngwazi selithule wathi sengathi umoya wakhe ungaphumula ngokuthula.
Abanye abadlulise amazwi enduduzo kubalwa kubo usomahlaya uSkhumba Hlophe osebenze noBob kwiKaya FM, othe ulahlekelwe yiqhawe lakhe.
UBob ushone esengumethuli wohlelo lwasekuseni phakathi nesonto esiteshini sezingxoxo esizinze eGoli, iPower FM lapho ebesebenza khona noFaith Mangope.