IZIKHULUMI ezehlukene zimkhumbule njengomuntu obenamahlaya, ebathanda abantu futhi ebavikela abasebenzi uBhodloza Welcome Nzimande.
Lokhu kugqame enkonzweni yakhe yesikhumbuzo ebizolo emzini wakhe, ebisakazwa bukhoma emsakazweni uKhozi FM, izolo emini.
Ozakwabo asebenze nabo baveze ukuthi uthando abenalo ngabantu belumangalisa.
UVVO Mkhize uthe kuyadumaza okwenzekayo njengoba ubengakulindele ukuhamba kukaBhodloza ngokushesha kangaka.
“Ubenamahlaya sisebenza la kuRadio Zulu, kwakumnandi ukuhamba naye njengoba la sasikhona wawungeke uhlukane naye engashongo hlaya. Sisebenze naye kahle kakhulu emsakazweni sifika sibancane kuze kube manje, ubudlelwane bethu bebubuhle kakhulu. Emsebenzini simatasa sisebenza uma kukhala ucingo lwakhe sikude ubelubamba egijima, engakafiki kulona athi uBhodloza lo hallo, lokho nje bekusenza siphele yinsini, hamba kahle mfowethu siyokukhumbula,“ kuchaza uVVO.
ULucia Mtshali obesebenza noBhodloza ngaphansi kwenhlangano yakhe iBhodloza Nzimande Foundation, uthe bazomkhumbula kakhulu umphathi wabo obenothando.
Uveze ukuthi abaxhasi abangahambeli kude njengoba sekushone uBhodloza kodwa baqhubeke nokubaxhasa ukuze basize akade bebasiza khona ezindaweni zasemakhaya.
Abasakazi boKhozi FM okukhona kubo uSipho Mbatha, obengumphathi wohlelo uSiya Mhlongo, Irvin Sihlophe noSbu Buthelezi Mroza Buthelezi bonke basho ngazwi linye, bathi ubengumphathi abangeke bamkhohlwe kalula.
Bathe ubengumuntu oba umphathi, abe ubaba uma nje kukhona la okumele akubonise khona.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, Isilo samabandla onke noNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize, nabo badlulise amazwi enduduzo kubantu bakuleli nasemndenini wakwaNzimande.
Izolo uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, umemezele ukuthi uBhodloza uzohlonishwa ngomngcwabo osezingeni likahulumeni wesifundazwe.
Lokhu kuchaza ukuthi njengoba efihlwa uBhodloza namhlanje eRichmond, amafulegi akuleli azobe endizela phansi.