ISIKHONDLAKHONDLA somsakazo wakuleli, Ukhozi FM, sethule ngokusemthethweni isiteshi sethelevishini esisebenza nge-internet, Ukhozi fm TV.
Lokhu kwenziwe kwaba yingxenye yezinguquko eziqale izolo emisakazweni ehlukene yakuleli.
Emcimbini wokwethula isiteshi (vodcast) obukhona izolo ezindlini zokusakaza zeSABC, uSbongi Ngcobo, onguMphathi weBhizinisi kulesi siteshi, uzwakalise ukuthakasa kwabo ukungena kwingqophamlando yehuba.
“Ukhozi FM lulokhu luqhubeke njalo nokucaba indlela nokuhola endimeni yezemisakazo. Lokhu sikwenza ngokuhlanganyela phakathi kwemikhankaso esiyisisungulayo, izihloko ezisematheni ezakhayo kanjalo nabasakazi bethu abathakaselwa yiningi, ukwenza isiqiniseko sokuthi isiteshi sethu siheha abantu abaningi futhi bonke bahlala begculisekile. Silindele unyaka ozoba nezithelo ezinhle futhi ozokhombisa ngokusobala ukuthi kungani sithi Ukhozi FM ’Luhamba Phambili’,” kusho uSbongi.
Ukhozi luqophe umlando ngezibalo zakamuva zabalaleli abangu-8 million ngokwezibalo zakwaRAMS zango-Okthoba owedlule.
Eqhuba uSbongi uthe Ukhozi fm TV oluzokwethulwa uSiyabonga Mhlongo, luzobe ludingida izihloko ezihlukene futhi sezelulelwe isikhathi ngoba emsakazweni kusuke kubekwe isikhathi esifishane.
“Kuzoba neziqephu ezihlukene ezifakwa kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu esingangabazi ukuthi zizoba nomthelela omuhle kubabukeli bethu. Okunye okuzothokozisa abalaleli bethu wukuthi izintandokazi zabasakazi babo ngeke besazigcina ekhalendeni yethu yonyaka kodwa sebezozibona noma nini kuyona le nkundla,” usho kanje.
Uthe esinye isizathu esibenze baqhamuke nalolu hlelo wukufuna ukwanelisa bonke abalaleli futhi bahambisane nobuchwepheshe besimanje.
Ukhozi fm TV seluqalile ukutholakala ku-www.ukhozifm.co.za.