SELUQALILE uKhozi FM ukufuna ozovala isikhala somphathi wezinhlelo omusha, esivuleke ngemva kokwehlukana kwenhloko nesixhanti phakathi kweSABC, nobephethe lesi sikhundla uZandile Tembe.
NgoSepthemba kunqanyulwe inkontileka kaTembe. ISABC yamemezela ukuthi isikhundla sokuphatha wezinhlelo sizobanjwa nguMandla Mdletshe, oke waba ngumsakazi wase enikwa isikhundla sokuphatha emkhakheni wemidlalo yomoya.
Isolezwe ngeSonto lilunywe indlebe ngokuthi isikhala sikhangisiwe futhi kulindeleke ukuthi kuqale maduze, kushunqe uthuli kwinhlokhono bebanga lesi sikhundla abazobe befake izicelo.
Leli phephandaba lenze uphenyo lathola ukuthi ngempela isikhundla sinamekwe kwi-website yeSABC, kwabekwa uhide lwezinto ezizobhekwa kulowo ofunekayo.
Phezulu eqhulwini kuthiwa kufanele ahlome nge-diploma noma i-degree kwezokuxhumana noma kwezokuphathwa kwamabhizinisi. Kufuneka isipiliyoni seminyaka eyisithupha endimeni yezokusakaza, emithathu kube wukuthi bekuyisikhundla sokuphatha.
Isikhangisi sikhomba ukuthi ozoqashwa uzonikwa inkontileka yeminyaka emihlanu kanti ukwamukelwa kwezicelo kuyavalwa kusasa.
UKhozi FM lusanda kugubha ukukhula kwezibalo zabalaleli njengoba kuthiwa ziku-800 000, umcimbi ubusesigodlweni sikaDkt Victor Velaphi Otty Mkhize, eMlambomunye, lapho bekubuswa khona.