OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uLinda “Mr Magic” Sibiya, uthukuthele uthelwa ngamanzi emuva kokuvalwa kwengxoxo eyisikhangiso senkampani asanda kuqashwa kuyona iVerityhurst Academy kuKhozi FM ngoba kuthiwa uzodidisa abalaleli uma ekhuluma khona.
ULinda ubezokhuluma bukhoma kuKhozi FM, ngoJuni 24 eyokhangisa imisebenzi yenkampani emqashile kodwa wavalwa ngomzuzu wokugcina kuthiwa akumele azwakale ekhuluma emoyeni.
Kuthiwa kukhalwe ngokuthi uzodidisa abalaleli bomsakazo Ukhozi FM, abebezozitshela ukuthi usebuyile emsakazweni, kungcono inkulumo yakhe iqoshwe kodwa nalokho kwagcina kungamukelwanga emsakazweni.
“Angazi yini le engaka engiyone emsakazweni Ukhozi FM. Bengingazile ukuzosakaza kodwa bengizokhuluma ngemisebenzi yenkampani engiyisebenzelayo. Inkulumo yami eqoshiwe ike yadlalwa emasontweni amathathu ohlelweni lukaBheka Mchunu njengesikhangiso esikhokhelwe.
“Bekunezinhlelo zokuthi ngiyokhuluma bukhoma kulokhu kodwa ngavalwa ngomzuzu wokugcina.
“Uma ngifuna ukwazi kungani ngivaliwe, abaphathi boKhozi FM abaphumelanga obala. Kunalokho ngize ngathola eceleni ukuthi kukhalwa ngokuthi ngizodidisa abalaleli boKhozi FM abazozitshela ukuthi sengibuyile emsakazweni.
“Le nto ayingiphethe neze kahle ngoba bekukhokhelwe ukuthi ngiyokhuluma emsakazweni.
“Kumanje nginesikole sami sokufundisa ukusakaza engifuna ukuyokhokhela izikhangiso engizokwazi ukukhuluma kuzona kuKhozi FM engingazi kuzokwenzekani uma sekumele ngingene emsakazweni,” kusho uLinda.
Esikhundleni sikaLinda kuze kungene umphathi wenkampani ayisebenzelayo, uDkt Mandla Lamba, akhulume bukhoma kulesi sikhangiso emsakazweni.
UDkt Lamba uthe kuyamxaka okwenziwa wuKhozi FM.
“Ngikhokhe R100 000 kuKhozi FM ngalesi sikhangiso obekumele kukhulume uLinda kusona kodwa bamchitha ngezizathu ezingacacanga nakumina.
“Iyangixaka indaba yokuthi baphazamise nezikhangiso. Ngolwazi lwami uma ukhokhele isikhangiso wenza ngendlela osuke ufuna kwenzeke ngayo, besingekho isidingo sokuthi bazikhethele ukuthi bafuna bani emsakazweni ngoba ngikhokhe imali yami ngaso, nginelungelo lokwenza engikufisayo.
“Kumanje iSABC isezinhlelweni zokudiliza abasebenzi ngenxa yokushoda kwemali kodwa basaphazamisa izikhangiso ezizofaka imali,” kukhononda uLamba.
ULinda usanda kuqashwa njengesikhulu esiphezulu kwaVerityhurst Academy, okuyinkampani ehweba ngamasheya eJohannesburg Stock Exchange (JSE).
Umkhulumeli weSABC obambile, uNksz Mmoni Seapolelo, uthe akanqatshelwanga uLinda ukufaka isikhangiso emsakazweni Ukhozi FM.
“UMnuz Linda Sibiya akanqatshelwanga ukufaka isikhangiso sakhe emsakazweni. Kube yisikhangiso senkulumo yakhe eqoshiwe ethatha imizuzu emihlanu.
“Akulona iqiniso ukuthi wanqatshelwa ukukhangisa emsakazweni,” ubeke kanje.
UNksz Seapolelo akafunanga ukuphawula ngengxoxo eyisikhangiso.