UHHASHI Elimhlophe nomkalo u-Ebony Ngcobo asebengena kwezokusakaza, bathi bagqugquzelwa yizingane zabo ukuthi benze imisebenzi abangakaze bacabange ukuthi bazoyenza.
Laba bazosakaza esiteshini Isiginci Maskandi Radio esingaphansi kweMzansi.Radio, esidlala mahhala uma usebenzisa iMTN.
Bazokwethula uhlelo iSishaya Ingoma NeHhashi njalo ngo-12 kuya ku-4 ntambama ngoMsombuluko kuya kuMgqibelo.
U-Ebony uthe abakaze bazibone nangelilodwa ilanga bengabasakazi.
“Yinto eqhamuke endleleni ngomusa kaNkulunkulu. Thina njengabantu abakholwayo siyaliqonda iZwi likaNkulunkulu. Encwadini yaBaseKorinte 2:9 lithi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo”. UNkulunkulu onezinhlelo ngathi. Kufana nokulingisa asikaze sicabange ukuthi singalingisa kuzenzakalele nje,” kusho * -Ebony.
Uthe baye babizwe ezindaweni babe nokungabaza kodwa bagqugquzelwe yizingane zabo.
“Ayikho into engingeke ngikwazi ukuyenza,” kusho yena.
UHhashi uthe bazoqala maduze ukuzwakala emoyeni, lathi kuyaqala ukuthi kube nohlelo lukamaskandi oludlala nsukuzonke.
“Luzonikeza abantu abaningi ithuba lokuzwakala ngisho abantu abafikayo emculweni nabadala. Sizoxuba ukuze wonke umuntu athole ithuba lokuzwakala.
“Siyabonga kulabo abaqala indlela bedlala umculo kamaskandi ngoba ngabe asibazi oHhashi Elimhlophe, Phuzushukela, David Ngcobo, Mfaz’omnyama, Phuzekhemisi nalaba bantwana abasha abafikile.
“Siyacela nathi ukuthi abantu baseseke nabaculi ngoba ukuphumelela kwawo lo msakazo kuzokwenza ukuthi bazwakale benze nemali.”
IMzansi.Radio ineziteshi eziyisithupha futhi ihlose ukuba nezingu-25 ezinyangeni ezingu-18 ezizayo. Kukhona iPhat Joe Radio edlala i-hip-hop futhi okusakaza kuyo uPhat Joe, Sun Gospel Radio, Vuur Warm Radio, Mi Casa Su Casa, The Yanos nalesi okuzosakaza kuzo uHhashi no-Ebony.
Ungena ku-www.mzansi.radio bese ulandela imiyalelo.