UFISA ukushintsha indlela abantu abacabanga ngayo mayelana nezinto zesintu nezithinta ukwelashwa, othole ithuba lokweluleka kwintandokazi yohlelo lomculi wesintu kuKhozi FM.
USbonelo "Mkhulu" Nxele, ozwakele okokuqala ngqa kuhlelo uSigiya Ngengoma kuKhozi FM ngoMgqibelo odlule, uthe ukunikezwa ithuba lokucobelela abantu nokubavula amehlo ngezinto ezithinta amasiko nokwelashwa ngokwesintu, bekuyinto ebeyenza kodwa ukuba semsakazweni kuzosheshe kuwedlulise umyalezo.
UNxele uveze ukuthi yize esebenza ngamakhambi esintu kodwa kuningi ukudideka nokulutheka kubantu abasuke befuna usizo. Yingakho efisa abantu bafundiseke futhi bacaciseleke ukuthi akuzona zonke izinkinga zesintu ezidinga ukwelashwa noma ukuyelwa enyangeni.
"Abantu kumele sibafundise nokuthi akuyona yonke inkinga onayo emzimbeni, ekhaya noma emsamu edinga ukuthi uyokhokhela inyanga ukuze ikulungisele. Amakhambi esintu uyakwazi ukuwathaka nawe ekhaya uwasebenzise ngendlela ezokusiza ungaze uyokwelahlwa. Ziningi izinkinga abantu abagcina sebengena kuzo ngokungabi nalo ulwazi olwanele.
“Kuyenzeka uzibone sewunesinyama ngenxa yamathunzi athile adinga ukugezwa konke lokho akukuphoqi uyogezwa yinyanga. Ngisho umsamo nokungeziswa kwedlozi yinto edinga umnumzane afundiseke ngayo bese ekwazi nokukwenza ekhaya ngaphandle kokuqala aye enyangeni," kusho uNxele.
Eqhuba uthe uhlelo Sigiya Ngengoma ulithanda ngoba luthinta konke okuphathelene nesintu futhi lunabalandeli abathanda impilo yesintu. Ephetha uthe njengoba ebevele ekwenza naseceleni ukucobelela abantu ngolwazi, uzoqhubeka nakho uma engekho emsakazweni. Izigceme zokucobelelana ngolwazi abezenza, uthe zizoqhubeka njengoba sekuxegiswe nemithetho ebivale konke nyakenye.