UKUBA umrepha aphinde enze imicimbi ethuthukisa amakhono entsha efuna ukukhula emculweni wehip hop, kwenze uBongumusa Mncube wangena emsakazweni.
UBongumusa odume ngelikaDude ozalelwe KwaMashu, manje ohlala eMount Royal, unguphrojusa wohlelo iThe Hood Up emsakazweni iNanda FM, olusakazwa u-Adeeh Sosibo.
Lolu hlelo lungena ngoLwesihlanu ngo-7.00 luphele ngo-9.00 ebusuku.
Luphinde lungene ngoMgqibelo ngo-6.00 kuya ku-9.00 ebusuku.
Ekhuluma neSolezwe ngohambo lwakhe lwasemsakazweni uBongumusa, uveze ukuthi eqeda u-matric ngo-2004 eDr J.L Dube High KwaMashu, wayekuthanda ukusakaza.
“Kodwa ngazitshela ukuthi ngifuna ukuqhubeka nemfundo ngiphinde ngigxile ekubeni umculi we-hip hop, okuyinto engiyithanda kakhulu namanje. Ngangena esikhungweni semfundo iDurban University of Technology, nalapho ngenza khona iziqu zeCivil Engeneering. Angigcinanga lapho ngaphinde ngafundela umkhakha wokusebenza ezitolo ezinkulu, kwathi sengiqedile ngabe sengiqashwa kwaMakro ngasebenza iminyaka emithathu, ngangingamile ekuhleleni imicimbi yokuthuthukisa amaciko nokuqopha umculo,” kuchaza uBongumusa.
Uveze ukuthi ngesikhathi esefuna ukungena emsakazwen ngokuphelele, wakhetha ukuyofunda kabanzi ngalo mkhakha nalapho afunda khona eMlwazet Bavundulule Academy.
“Ngithe ngiqeda khona ngenhlanhla umsakazo Inanda FM wangithatha ukuze ngizoveza ikhono lami kuwona. Ngisajabule kakhulu ngomsebenzi engiwenzayo njengoba kwamina kukhona engikufundayo kubaculi esesike saxoxa nabo okubalwa kubona oKwesta, Zakwe, Emtee, Sjava nabanye. Ukunyuka kwabalaleli kusuka saba yingxenye yalolu hlelo, kuyajabulisa kakhulu futhi ngisabheke ekwenzeni izinto ezinkulu emsakazweni,” kuchaza uBongumusa.
Muva nje uBongumusa uveze ukuthi uqokwe emcimbini wezindondo, Entandokazi Awards, emunxeni weBest Radio Producer.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]