UKUBA umethuli wezemidlalo uma kunemidlalo yebhola emakhaya yikhona okwaholela ekutheni uWonderboy Gina (21), agcine engene emsakazweni.
UWonderboy waseMagwanga, KwaMhlabuyalingana ungumfundi wezindaba esiteshini somphakathi Inanda FM.
Kulo msakazo akagcini nje ngokufunda izindaba kodwa uphinde asakaze uhlelo lwezomnotho olungena njalo ngoMsobuluko kuya kuLwesihlanu phakathi kuka-6.30 no-7.00 ntambama.
Ekhuluma neSolezwe ngohambo lwakhe lokungena emsakazweni uWonderboy uthe, uCebo Mthembu osezakhele igama kuZalo, uyena owamenza wathanda ukusakaza esasakaza emsakazweni iMaputoland FM.
“Ngesikhathi ngisethula ibhola abantu babengitshela ukuthi ngingenza kahle kakhulu uma ngingangena ekusakazeni. Kodwa lokho angikunakanga njengoba ngaqhubeka nokufunda kwaze kwaba ngizwa uCebo emsakazweni nowenza ngakuthanda ukusebenza emsakazweni. Ngibe sengiqala ngihambisa izicelo emisakazweni ehlukene yomphakathi. Kuthe ngonyaka odlule ngoFebhuwari, ngabizwa emsakazweni iSiyathuthuka FM, eNdwendwe nokulapho ngifike ngaba umfundi wezindaba ngiphinde ngibe intatheli njengoba ngangiphuma ngiyocoshela izindaba,” kuchaza yena.
Uveze kuthi ngoDisemba ube eseshiya emsakazweni iSiyathuthuka esebizwa emsakazweni Inanda.
“Nakhona ngifike ngangena ethimbeni lezindaba namanje ngisekhona. Kulo msakazo ngiphinde nganikwa ithuba lokusakaza uhlelo lwezomnotho lapho sibheka khona zonke izindaba ezithinta umnotho wakuleli nowakwamanye amazwe. Lolu hlelo lungena lube isigaba kolwantambama oluthi Injobo Ithungelwa Ebandla,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi uyabonga kakhulu kubaphathi bomsakazo iSiyathuthuka njengoba bekholelwe kakhulu kuye bamnika ithuba angeke alikhohlwe.
UWonderboy uveze ukuthi u-matric uwuqede ngo2017, eZandlazethu High, eNdumo khona KwaMhlabuyalingana.
Uthe ngelinye ilanga uyafisa ukuzibona eseziteshini ezinkulu zomsakazo okukhona kuzo Igagasi FM, Vuma FM noKhozi FM.