IHAMBE phambili intokazi yaKwaNongoma, emcintiswaneni woKhozi FM wokuthungatha umsakazi wesifazane, uBingelela Mpanza.
Le ntokazi okuthiwa ibuye ibengumculi we-Afro pop, kulindeleke ukuthi izwakale kulo msakazo emasontweni azayo. UNksz Mpanza ungene ezicathulweni zentokazi yasePort Shepston, uNksz Zama Mseleku owadla umhlanganiso nyakenye.
Lo mqhudelwano waqalwa yilo msakazo ngenhloso yokuhlonipha ingqalabutho kwezokusakaza uNksz Winnie Mahlangu, owaba ngowesifazane omnyama wokuqala ukuqashwa yiSABC ngo-1962, ukuthi asebenze kwiRadio Bantu, okumanje isibizwa ngoKhozi FM.