UCAROL Ofori obesakaza kwiRadio 2000 ushiyile wabuyela kwi-East Coast Radio.
UCarol uzovala isikhala esivuleke ngesikhathi kugqabuka igoda phakathi kukaThandolwethu Ngidi ne-ECR emasontweni adlule. Izikhulu zesiteshi ezathi yingenxa yokuthi uThandolwethu uyagula.
UCarol uzongena ngo-9 kuya ku-1 emini phakathi nesonto kusuka ngoNovemba 16. Ushiya iRadio 2000 lapho ethula khona uhlelo iQueens Of Grace With Carol Ofori ngo-9 kuya ku-12 emini.
“Ngesikhathi ngishiya i-East Coast Radio eminyakeni emibili edlule ngangazi ukuthi siyophinde sihlangane futhi kodwa bengingazi ukuthi kuzoshesha kanje,” kusho uCarol oke wethula uhlelo i-ECR Top 40 iminyaka emihlanu.
“Isikhathi sikaNkulunkulu sihlale sishaya emhloleni njalo. Ngaphandle kokuthi iTheku yindawo emnandi ukuba kuyo kodwa ne-East Coast Radio yindawo emnandi ukusebenza kuyo.”
Uthe kube lula ukuthatha isinqumo sokuthi abuye ngoba uyazifela ngesiteshi.
Kulezi zinsuku uhlelo azongena kulo lushayelwa nguMinnie Ntuli. UMinnie usezongena ngo-7 kuya ku-10 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu.
Phambilini bekungena uNeil Green oshiye ekupheleni kukaSepthemba wafudukela e-Ireland nomndeni.
Ezinhlelweni obekungena kuzo uMinnie ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ngo-7 ebusuku sekuzongena uSam Cele obengena ngo-10 ebusuku phakathi nesonto.
NgoMgqibelo nangeSonto ngo-6 kuya ku-10 ekuseni, obekuyisikhathi sikaJane Linley-Thomas, sekuzozwakala uLucky du Plessis omusha esiteshini.
UJane usezongena ngo-1 kuya ku-4 entathakusa phakathi nesonto.