KULINDELEKE ukuthi azwakale emoyeni kusasa umsakazi woKhozi FM obemisiwe, uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha okuthiwa wazithintela iziqandu ngokudlala ingoma engekho ohlwini kodwa eyidlala ngeselula.
USgqemeza, osakaza uhlelo lwasekuseni iVuka Afrika Breakfast Show (VABS), ubemiswe izinsuku ezingu-20 emuva kokugqigqa ezithangamini eziqondisa ubugwegwe. Ubemiswe nabanye abadidiyeli bohlelo, uMandla “Njinji” Magwaza noBabheke Mthethwa kodwa bona bese bevele bebuyele emoyeni.
USgqemeza usakaza uhlelo noMroza. Uhlale cishe inyanga yonke engekho emoyeni futhi ngeke aziholele zonke lezo zinsuku ebhuquza ekhaya. Uhlelo lwasekuseni lungolunye lwezinhlelo ezithathwa njengeziqavile emsakazweni futhi abasakazi abaningi baluconsela amathe.
Umthombo weSolezwe ngeSonto owazi izindaba zoKhozi uthe kufanele abuye uSgqemeza kusasa ngoba sesiphelile isikhathi ayebekelwe sona.
“Wagaxeliswa wukuthi bamshutha ivideo edlala le ngoma ngeselula. Cabanga nje uhlale inyanga yonke engasebenzi. Ngeke ahole ngoba inkontileka yakhe ngeyomuntu ongaqashiwe ngokugcwele,’’ kusho umthombo.
USgqemeza ecelwa ukuba aphawule ngokubuya kwakhe akaphendulanga. Uke wadida abaningi ebhala ukuthi kukhona isinqumo okufanele asithathe ungakashayi uMsombuluko abuyela ngawo emsebenzini.
Omunye umsakazi omisiwe wuSbu Buthelezi osakaza uhlelo lwezenkolo Indumiso, olungena ngeSonto ekuseni. Akucaci ngekusasa lakhe ngoba usolwa ngokuwaka abalaleli imali.