WILLEM PHUNGULA
UBONGA ukweseka ngabaKwaZulu-Natal ngempumelelo yohlelo lwakhe umsakazi weMetro FM.
UMsizi Shembe owenza iSunday Soul Therapy ngeSonto phakathi kuka-12 no-3 ntambama, uthi uhlelo lwakhe lungezinye abaphathi bakhe abathi lwenza kahle kakhulu.
Ngalokhu uthi kungenxa yokwesekwa akuthola esifundazweni adabuka kusona okuyiKwaZulu-Natal.
Uthe akukho mlingo awenzayo ukukhulisa uhlelo ngaphandle kokuzinikela athe kungesinye sezizathu akholwa ukuthi simkhulisile kwezokusakaza saphinda sakhulisa nohlelo.
UMsizi odabuka eMlaza esigcemeni kwa-D, uthi izinkomba zakamuva zikhombisa ukukhula kwezibalo zabalalela uhlelo lwakhe eMlaza nasesifundazweni sonke.
Uthe ngale mpumelelo yohlelo sebesungule iqembu iLove Movement ngokubamisana nezinye izinkakha zabasakazi okungoWilson Nkosi owenza i-State of the Entertainment Address kusuka ngo-9 kuya kuya-12 emini, uSentle Lehoko owenza i-The Romantic Repertoire phakathi kuka-3 no-6 ntambama noMo G ongena ngo-6 kuya ku-9 ebusuku.
Zonke lezi yizinhlelo ezinomculo ongasoze wabuna ezingena ngeSonto. UMsizi uthi liyakhula isasasa leLove Movement njengoba bethola izimemo eziningi ezindaweni zobumnandi becelwa ukuba bezodlala ndawonye.
"Izinto zihamba kahle. Sesilinde izibalo ezisemthethweni ngoJune kodwa angingabazi zizokhomba ukwenyuka. Kukhulu ukwesekwa engikuthola esifundazweni sami iKZN okuyinto engiyibonga kakhulu," kusho uMsizi.
UMsizi uqale ukuzihlanganisa nokusakaza ngesikhathi ejoyina iCapital Radio eseyibizwa nge-East Coast Radio. Udlulele eGoli wajoyina isiteshi esenza inzunzo iKNI.
Ngo-1997, kusungulwe iYFM yase iyamthatha. Ubuyele KwaZulu-Natal wajoyina iP4 osekuyiGagasi FM. Udlulele kwiVuma FM ngaphambi kokujoyina iMetro FM ngo-2017 kuze kube manje. Uphethe ngokuthi uphinde asebenzisane noDJ Muntu (Masterblaster) kanjalo noDJ Muntu (Jikeleza) la eKZN.