Lokhu kuvezwa uPhila Duma (28) waseSavannah Park ongumfundi wezindaba kwiVuma FM obhale incwadi ethi Morning After Dark.
Le ncwadi iqukethe konke ngempilo kaPhila naveza ukuthi ngesikhathi ekhula bekungelula ukubhoboka ngezimo ebekhula ngaphansi kwazo.
UPhila ungomunye wabantu besilisa abathandana nabantu abanobulili obufanayo futhi akafihli ngempilo ayiphilayo. Yize unina nomndeni wakhe bebemthanda kodwa kunezinto eziningi njengokuhlala enukubezwa uthisha nokucwaswa ebezenza impilo yakhe ibe nzima.
“Ngize ngaqala manje sengimdala ukukhuluma ngokunukubezwa uthisha. Yize engazange angidlwengule kodwa wayengiphulula ehlala ekhuluma amagama ayenza kube nzima ukuba naye.
“Uma kwenziwa umsebenzi wesikole wayehlala eqinisekisa ukuthi uyangigxeka ukuze athole isikhathi sokuba nami ngedwa enze sengathi uyangifundisa.
“Kwakungelula ukukhuluma ngale nto ngisakhula ngoba nasekhaya babengazitsheli ukuthi nasebafaneni kuyenzeka,” kusho uPhila. Le ncwadi uthe uyethemba ukuthi izovula amehlo omama abaningi ngendlela abafundisa ngayo amantombazane ngokunukubezeka bakwenze nakubafana.
Eqhuba uPhila uphinde wakuveza ukuthi abantu besifazane abaningi kusukela kunina, izihlobo, abangani nomakhelwane babambe iqhaza elikhulu ekutheni afike kuleli zinga lempilo asekulona. “
Bengingeke ngikhulume ngami ngaphandle kokuveza indima edlalwe abantu besifazane empilweni yami.
“Ngiyaziqhenya ngendlela umama wami angikhulise ngayo eyedwa. Baningi abantu okuthe uma bebona ukuthi ngizophila le mpilo bangangicwasa kunalokho bangisondeza banginika uthando,” kusho uPhila.
Ephetha uthe noma incwadi yakhe seyitholakala e-Adams Book kodwa uzimisele ngokwenza imikhankaso ezokhuthaza abazali ngokunakekela, ukukhuluma nokugadwa kwabafana abancane ukuze kube lula ukukhuluma ngezinto ezibehlela bengaboni abazali.