UMSAKAZI weZululand 97.0 FM, uMinenhle “Minimizer” Masondo, uthi abantu bammangazile ngendlela abameseke ngayo njengoba esedlulele emzuliswaneni olandelayo emqhudelwaneni woKhozi FM, iNext Winnie Mahlangu Competition.
UMinenhle (30) waKwaMvulane, KwaNongoma, udlulele esigabeni esilandelayo emuva kokuhlula uBongiwe Gwala (29) waseMgungundlovu noSne Mkhize (engatholakalanga imininingwane yakhe).
“Ngijabule ngendlela eyisimangaliso Ngiyazi kusewumncintiswano, kusazoshuba kakhulu kunakuqala kodwa ukuthi ngitonyulwe kulabo abathathu ebengikhethwe nabo kusho lukhulu kimi. Kugide idlozi kwakhazimula uNkulunkulu,” kusho uMinenhle.
UMinenhle, oqale ukusakaza kwiNongoma FM 88.3 FM kodwa manje osekwiZululand 97.0 FM, uzichaze njengentokazi ewuthanda kakhulu umsakazo nehlezi ifuna ukwenza uguquko emphakathini waseNingizimu Afrika.
Okhulumela iSABC, uNksz Mmoni Seapolelo, uthe Ukhozi FM lucele ukunikezwa ithuba lokwenza umncintiswano walo ngendlela yalo.
“Onqobile uzomenyezelwa uma sekuphothuliwe ukubalwa kwamavoti. Njalo ngesonto emasontweni amane ku-Agasti kunabazoqhathwa kusukela ngoMgqibelo bese olayini bokuvota bevalwa ngoLwesine ntambama.
“NgoLwesihlanu, uma sekuphothuliwe ukubalwa kwamavoti, kuzoba nesimemezelo sowinile masonto onke. Lokhu kuzoqhubeka kuze kube u-Agasti 27 emuva kwalokho isiteshi siyobe sesimemezela uWinnie Mahlangu olandelayo,” kusho uMmoni.
Odabeni esibike ngalo ngomkhankaso woKhozi wokuthungatha umsakazi wesifazane ngeledlule, kwenzeka iphutha ngokuthi sithi kuphawule umphathi siteshi obambile uSbongi Ngcobo ekubeni kwakuphawule iSABC lo msakazo ongaphansi kwayo.
I-SABC yiyo eyaphawula yasinika yonke imini-ningwane esayishicilela ngomkhankaso. Sithi yobe kwiSABC, uSbongi nabo bonke abathintekile.