Mbali Khanyile
U-MC Pholobas ozakhele udumo ngokwenza imikhankaso yokutakula abakhubazekile nobengumsakazi weZwi Lomzansi 98.0 FM kodwa useshiyile usungula owakhe, iSiyaviva TV neSiyaviva Radio Online.
Uthe inhloso yesiteshi sakhe wukuqwashisa abantu ngempilo yabakhubazekile nokutakula abantu basemphakathini edelelekile.
“Ngaphezulu kokugqamisa umsebenzi omuhle owenziwa ngabantu abaphila nokukhubazeka, sihlele ukukhulisa amakhono abantu, nokulwa nemikhuba engalungile emphakathini,” kusho uMC Pholobas.
Uthe isiteshi sakhe, esiqalile ukusakaza kuleli sonto, sinabasebenzi abawu-30. Izinhlelo zaso ziqala ekuseni ngo-6 kuze kushaye * -12 phakathi kwamabili. Sikhonjiswa nakwiYouTube ngenxa yokuthi uhlose ukuthi abalaleli baso bazibonele ukuthi abantu abakhubazekile basebenza ndlelani.
“Kuyisifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngibone imisakazo emikhulu isebenzisana nemisakazo emincane. Ngikholwa wukuthi likhulu iqhaza elingabanjwa yile misakazo uma ingabambisana nesathuthuka,” kusho uMC Pholobas.
UMC Pholobas, oke wazuza indondo yeBest Community Radio Presenter kumaSatma Awards nakumaSava, usesungule iMasiqoqane Albinism Foundation ebhekelela ukusiza abaphila nebala elimhlophe nabantu abakhubazekile.