KUQUBUKE indida kwiGagasi FM ngoLwesibili ebusuku umsakazi eshiya phakathi nohlelo engavalelisanga.
UDJ Sphe Live ubeqala ukwethula uhlelo, iGagasi FM Music Sessions: Dance, ngoLwesibili ngo-8 kuya ku-10 ebusuku ngemuva kokwenziwa kwezinguquko eziqale emoyeni ngoMeyi 1.
Ngesikhathi uhlelo luqhubeka, kungakapheli nehora luqalile, uvele wanyamalala emoyeni kwadlala umculo kwaze kwashaya isikhathi sokuphela kwalo. Ohlelweni bekunoDJ Sbu eyisimenywa, eyokwethula ingoma yakhe entsha nokuthe ngemuva kwakhe wangabe esazwakala.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, lo msakazi uvele wahlaselwa wukugula isigubhukane nokuphoqe ukuthi ashiye uhlelo, agodukiswe aye ekhaya.
Ethintwa uSphe, uthe ucela kushayelwe okhulumela isiteshi, uKhulekani Shandu.
UKhulekani ukuqinisekisile ukuthi uSphe akaluqedanga uhlelo.
“Kube nesimo esiphuthumayo abe naso esithinta yena ngqo, esimenze wangakwazi ukuqhubeka nohlelo,” kusho uKhulekani.
Uthe usalinde ukuqinisekisa ukuthi isimo sakhe sesinjani kodwa ngokuhamba kwesikhathi ubuye waveza ukuthi ngempelasonto lo msakazi uzobe esemoyeni.
Ngaphandle kohlelo lwangoLwesibili, uphinde enze iBreakfast Gang Gang ngoMgqibelo ngo-7 ekuseni kanjalo neSunday Chill Zone ngeSonto ngo-2 ntambama. Zombili izinhlelo uzenza ngokubambisana no-Asante Chiliza.
Akuqali ukuthi umsakazi ehluleke ukuqeda uhlelo esakaza kulesi siteshi njengoba noFelix Hlophe wake aphuthunyiswa esibhedlela ngenxa yokugula.