KUBIKWA ukuthi sesivaliwe isikhala somphathi wezinhlelo kuKhozi FM osekunesikhathi savuleka emuva kokuhamba kowayesiphethe uZandile Tembe.
UZandile uhambe kuKhozi ngoSepthemba nyakenye, emuva kokuphatha lesi sikhundla iminyaka.
Ngokuthola kweSolezwe, isikhala sivalwe nguNtsoaki Shoeshoe Qhu.
Imizamo yokuthola uQhu ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe. Umyalezo athunyelelwe wona, ugcine engawuphendulanga.
NgokweLinkedIn, ungumphathi wesiteshi iVoice of Wits ake asebenza njengomdidiyeli. Uke waba ngumdidiyeli kwi-702, iSA FM, Kaya FM neRadio Zibonele. Uneziqu ezahlukene azithole ezikhungweni okubalwa kuzo iLondon School of Journalism, eNyuvesi yaseWits neVega School.
Izindaba zokuqashwa kwakhe zidalulwe yimithombo emibili yeSolezwe.
“Abasebenzi abakatshelwa kodwa,” kusho omunye umthombo.
Okhulumela iSABC, uGugu Ntuli, uthe isiteshi sizokwenza isimemezelo uma sekunesidingo emuva kokuphothulwa kohlelo.
Kwenzeka lokhu nje, seziqalile izingxoxo mayelana nezinkontileka ezintsha zabasakazi njengoba ziphela ekupheleni kukaMashi.
Kuthiwa abasakazi abangena ngo-6 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto kuKhozi, bazohlangana nabaphathi namhlanje.
“Angiboni kuzoba nezinguquko eziningi kodwa kuzocaca ngoMsombuluko ntambama. UTshatha noZimdollar nabo babiziwe. Angazi lokhu kusho ukuthini ngoba ababizwanga namathimba abo?” kusho umthombo.
KwiMetro FM kuvela ukuthi kuzojoyina uKhutso Theledi owenza uhlelo lwantambama phakathi nesonto kwiYFM. Umthombo uthe uKhutso, osehlale iminyaka engu-10 kwiYFM, uzosebenza noMo Flava ake asebenza naye kulesi siteshi phambilini.
“Useyifakile incwadi yokusula noma engashongo kuyo ukuthi uya kuphi,” kusho omunye umthombo.
Eminye imithombo ithe noTbo Touch uyabuya ohlelweni lwantambama nokuyinto ebikwe nangamaphepha angempelasonto.
Bobabili uKhutso noTbo Touch bagcine bengayiphendulanga imiyalezo abathunyelwe yona.
“Abaphathi beMetro FM bazomemezela izinguquko ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uGugu.