Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Sizongena ngayiphi ku-2023?

Charles Khuzwayo|Published

USKWELETU

KULO nyaka akwaziwa mbhantshi kujiya, ukuthi iyiphi ingoma engase inqamule unyaka oKhozini. Ingoma ezithe uma zisuka amadaka yazihola phambili ngeyomculi kamaskandi waseMzimkhulu, uSkweletu ethi: Inja Endlini.

Ezithendeni zayo bekuhleli omunye umculi kamaskandi waseMidlovo, Ithwasa Lekhansela ngengoma ethi: Awungodli.

ITHWASA LEKHANSELA

Nakuba amabhinca efuna lo mklomelo uthathwe ngoyedwa phakathi kukaSkweletu neThwasa kodwa ukushona kukaMampintsha weBig NUZ sekwenze iningi lafuna umufi avaleliswe ngalo mklomelo. Ngisho namabhinca asehlukene phakathi njengoba sekukhona aselibeka ngembaba elokuthi lesi sicoco sifanele iBig NUZ engene ngengoma ethi: Ngeke Ngivume.

I-BIG NUZ noDJ TIRA

Yize kunjalo uyingozi umculi wokholo, uBetusile ngengoma ethi: Ngena Noah, ngenxa yokuthi abantu base-Eastern Cape bayesekana. Ngezikhathi zowayengumsakazi woMhlobo Wenene FM, uSaba Mbixane kumaSatma Awards babesekana.

UBETUSILE

UBetusile uma ehlabana uzobe engaqali ukudla umhlanganiso njengoba eke wahlabana ngalo mklomelo kumaSABC Crown Gospel Awards.

Wakhala wemuka nendondo yeBest Song of the Year. Nakulo nyaka angabaphuca iqatha emlonyeni abaculi asebebhekiwe. Uma iphinda iphumelela iBig NUZ, kuzobe sekuyihlandla lesithathu njengoba yake yawuhlukanisa ngengoma ethi: Umlilo nangethi: Serious. Beyisabambene ngamabili ngapha, namabili ngale neMalaika njengoba nayo seyike yawuthola umklomelo amahlandla amabili elandelana ngengoma ethi: Destiny nethi: 2bhobho.

Abanye abaqokiwe kwiTop 10 yakulo nyaka nguDJ Maphorisa- Ba Strata, K.O- Sete, Skye Wanda- Amazwi, Malungelo- Ngidlisiwe, Big Zulu - Voicemail noDJ Tira -Sikilidi. UTira usazikhipha emjahweni njengoba anxusa abantu ukuba bathathe amavoti ebebehlela ukumnikeza wona kodwa bawafake ngobuningi kwiBig NUZ.

Selokhu kwaqala ukuhlukaniswa konyaka oKhozini, naba abaculi asebeke bawaqwaqwada amakhanda kozakwabo:

1998-Brenda Fassie - Vulindlela

1999-Dj Walker- Chesa Mpama

2000-Mandoza- Nkalakatha

2001-Zola- Mdlwembe

2002-Mafikizolo- Bhuti Ngihamba Nawe

2003-Mzekezeke- Akekho Ugogo

2004-Malaika- Destiny

2005-Malaika- 2Bhobho

2006-DJ Sbu- Remember when it rains

2007-DJ Cleo- Sisi ngihamba nawe

2008-DJ Cleo - Hands up

2009-Big Nuz- Umlilo

2010-Professor- Jezebel

2011-Big Nuz- Serious

2012-DJ Tira ft Big NUZ and Joocy- Summer time

2013-Uhuru- Ytjukutja

2014-DJ Merlon ft Mondli Ngcobo- Koze Kuse

2015-Kings of the weekend- KOTW Anthem (Ngicishe Ngafa)

2016-Mroza- Van Damme

2017-Distruction Boyz- Omunye

2018-Prince Kaybee ft Busiswa- Banomoya

2019-Ntencane- Wawuthembeni

2020-Khuzani- Ijele

2021- DJ Hlo - Isbani