UMDIDIYELI wezinhlelo zoKhozi FM, u-Ayanda Melansi, uthi ushaqekile ethukwa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana kusukela ngoMgqibelo.
U-Ayanda udidiyela uhlelo Isidlo Sasekuseni ekuseni phakathi nesonto nolukamaskandi ngoMgqibelo iSgiya Ngengoma.
KwiSgiya Ngengoma kuye kuqhathwe izingoma ezimbiili kuthiwa zimele izikhungo zemfundo ephakeme. Kulokhu bekuqhathwe i-Unisa neMangosuthu University of Technology.
Kuthiwa u-Ayanda esememezela imiphumela yabavote kakhulu uthe e-Unisa yisikhungo sabantu abadala. Lokhu akwehlanga kahle kwizitshudeni zakhona ezivele zakhwela zadilika kuye, ikakhulukazi ekhasini lakhe leFacebook. Abanye bebethi kumele axolise ngakushilo.
USnothando Nzuza uthe: “Mina nje ngithathe isinqumo sokuthi uhlelo oludidiyelwa nguwena Ayanda ngeke ngiphinde ngilulalele ngoba uyajwayelana. Kukhona ngisho ama-2000 e-Unisa. Ufuna ukungitshela ukuthi nawo madala? Uziphoxile sisi wabheda umdala.”
UPhumeza Suthukazi Songancome uthe: “Uyeyisa wena.”
UThobile N Mkhize uthe: “Mina ngithi akuyiwe khona oKhozini sijwayeleka kabi phela la.”
U-Ayanda uthe akukho angakusho ngoba uyahlukunyezwa.
“Yi-cyberbulling le, ngeke ngikhulume nge-cyberbulling mina. Ngizophendula ngithini? Abantu abangakanani kanti abafunda e-Unisa? Kuyashaqisa ukuthi abantu bacasuke ngale ndlela futhi banezinhloso ezimbi,” kusho u-Ayanda.
Uthe akukho okubi akushilo okungaze kucasule izitshudeni ngale ndlela.
“Kuhlale kwenziwa amahlaya ngoNgoye, MUT ne-UKZN akukaze kube nankinga. Yini engiyixoliselayo? Mina ngithe ngikhipha imiphumela kaQhude Manikiniki kanti Ithwasa Lendidane elikhethwe yi-Unisa lithole amavoti amangaka ngase ngithi iMUT labalandela emsileni. Ngibe sengithi inyuvesi yabantu abadala i-Unisa iyona ewinile. Yini embi lapho esingaze yenze ukuthi ngihlukunyezwe ngale ndlela. Angisoze ngasho into ebheke eceleni emoyeni. Akukuhle ukuthi kuhlaselwe umama, izingane zami. Anginankinga nokuthi ngidelelwe ngezici zomzimba wona ngoba anginankinga nendlela engibukeka ngayo, ngisho amabele ami anceliwe ngoba nginezingane ezimbili, anginankinga.”
Uthe akazi uzoxolisa kubani ngoba akukho akushilo okudicilela isithunzi senyuvesi nabantu abafunda kuyo.
Izolo kwiFacebook ugcine ethi: “Engikushilo nge-Unisa bengingaqondile neze ukuphatha kabi noma ukwedelela”.
Yize abanye bekwamukele akushoyo kodwa abanye bathe kumele ayoxolisa emoyeni lapho ekhulume khona ekuqaleni.